Kugqekezwe isitolo sezibhamu kwebiwa ezingu-50

2017-09-04 16:00

Johannesburg - Izigebengu ezingaziwa zigqekeze isitolo sezibhamu eRandfontein zeba ezingalinganiselwa kwezingu-50.

Abasolwa baphinde bacekela phansi le ndawo bantshontsha nezinye zezinto.

Izigebengu zisebenzise ama-grinder ukusaha zivule lapho bekugcinwe khona ezinye zezibhamu.

Amaphoyisa asola ukuthi isigameko senzeke ngeSonto ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa eRandfontein uCaptain Appel Ernst, uthe izisebenzi zibone ngoMsombuluko ekuseni ukuthi kugqekeziwe.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele obanjwe nenqwaba yamakhadi akwa-Sassa

Uthe ngesikhathi izisebenzi zifika ekuseni zithole ukuthi izigebengu zingene ngaphakathi ngemuva kokugqekeza.

"Zilinganiselwa kwezingu-50 izibhamu ezincane ezebiwe nezingakatholakali.”

Izibhamu ezinkulu nalezo ezizishintshayo azebiwanga zona.

Uthe amaphoyisa asasendaweni yesigameko aqoqa ubufakazi.

UBrigadier Manamela, ongumphathi wamaphoyisa eRandfontein unxuse noma ngabe ngubani onemininingwane ukuba axhumane namaphoyisa ku-079 496 6288. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.