Kugqekezwe kwelinye lamahhovisi ephalamende

2017-08-05 14:40

Cape Town – Iphalamende likuqinisekisile ngoMgqibelo ekuseni ukuthi kwagqekezwa kwelinye lamahhovisi ngenyanga edlule, kwebiwa i-keyboard ye-computer kanye ne-monitor ngemuva kokupeketulwa kwehhovisi.

Okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo uthe isigameko senzeka ngoMsombuluko ekuseni mhlaka 31 Julayi ehhovisi leNational Council of Provinces, elisingatha izindaba zezimali zikahulumeni.

I-video iveza isigebengu esingaziwa singena ehhovisi elikhiyiwe ngemuva kokuphahlaza iwindi.

Isigebengu kuvela ukuthi saphuma ehhovisi ngabo-01:53.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa umshayeli ohlukumeze ngokocansi owesifazane

Imiqulu eyayigcinwe kwelinye lamakhabethe yatholakala isacazeke phansi ehhovisi ngesikhathi selivulwa ngakusasa.

UMothapo akashongo ukuthi ngelikabani ihhovisi elagqekezwa, nokuthi ngabe ikhona yini imiqulu ebalulekile eyebiwa. 

Uthe iPhakamende liyethemba ukuthi amaphoyisa azosebenza ngokushesha ukusombulula lolu daba ukuze isigameko esinjena singaphinde senzeke ngokuzayo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.