Kugwazwe kwabulawa indoda, 20, ethaveni

2017-09-05 14:04

Johannesburg - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-22 ubudala ngecala lokugwaza ibulale enye eneminyaka engu-20 ubudala ethaveni eNhlazatshe, eMpumalanga.

Umsolwa, uZwelethu Nhlanhla Nhlabathi, uboshwe ngezithuba zabo-08:30 ngeSonto kulandela isigameko, kubika iMpumalanga News.

Kusolwa ukuthi ubenengxabano nomufi, uSibonelo Nkosi, ethaveni ekuLong Homes ngoMgqibelo ebusuku.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umsolwa kwelokubulala ehostela lodumo eMlazi

Okhulumela amaphoyisa aseLukwatini uSergeant Peace Mbokani uthe abanye abantu abebekhona ethaveni bazamile ukulamula, kodwa kusolwa ukuthi nabo bahlaselwe ngabangani bakamsolwa, baphoqeleka ukuba babalekele ngaphakathi ethaveni, bashiya umsolwa nomufi ngaphandle.

"Umufi utholwe ngemuva kwesikhashana elele ebheke phansi igazi ligobhoza esifubeni," usho njalo.

Uphuthunyiswe esibhedlela eMbuleni, lapho ahlonzwe khona njengoshonile.

Umsolwa uvele kafushane ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Eesterhoek ngoMsombuluko ngecala lokubulala wabe esegcinwa esitokisini.

Icala lihlehliselwe umhlaka-6 Septhemba eseyofaka isicelo sebheyili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.