Kugwazwe uthisha nabafundi esikoleni

2017-02-02 11:30

Sydney – Kugwazwe uthisha kanye nabafundi ababili esikoleni samabanga ephakeme eSydney ngoLwesine, kwaboshwa ibhungu ngasendaweni yesigameko, kodwa amaphoyisa ayakuphika ukuthi lesi sehlakalo sihlobene nezenzo zobushokobezi.

Izithombe zasendaweni yesehlakalo ziveza nommese wenyama phakathi kwezinto ezithathwe kumfana oneminyaka engu-16 ubudala, ongumfundi.

"Angibulalanga muntu. Kuzomele nitshele umfowethu,” lawa ngamazwi abewasho ngesikhathi efakwa ozankosi ngamaphoyisa, kubika i-Sydney Morning Herald.

OLUNYE UDABA: Kutholwe izidumbu ezingu-6 zabesilisa ebebethunjiwe

Uthisha oneminyaka engu-48 ubudala kanye nabafundi ababili, okungumfana, 16, kanye nentombazane, 15 – baphuthunyiswe esibhedlela kodwa isimo sabo asisibi kangako.

"Akusona isigameko esihlobene nobushokobezi lesi, lena yinkinga nje esuke esikoleni sendawo,” kusho uSuperintendent Peter Lennon etshela izintatheli, ophinde wadalula ukuthi kutholakale imimese emithathu.

Imbangela yalesi sigameko ibingakaziwa okwamanje.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.