Kugwetshwe iphoyisa laseKZN ngamacala okubulala

2017-06-06 12:30

Durban - INkantolo eNkulu ehlezi eRamsgate ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal igwebe iphoyisa iminyaka eyishumi libhadla ejele ngecala elilodwa lokubulala neminyaka engu-15 ngaphezulu ngelinye futhi icala lokubulala.

Izigwebo lizozidonsa kanye kanye.

Okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini uthi uWarrant Officer Patrick Gosling, 44, obesebenzela ePort Shepstone, wadubula wabulala uMlondi Ngcobo, 26, noMichael Zakhele Ndovela, 29, ngo-2014.

Kuwona womabili amacala, uGosling wathi abesilisa bamhlasela ngesikhathi ematasa ngomsebenzi wakhe wokunqanda ubugebengu emarenki amatekisi.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala umqashi ngesihluku

UDlamini uthi ngesikhathi kuthethwa icala kwavela ukuthi uGosling phambilini wake wadubula wabulala abanye abasolwa ngendlela efanayo.

UDlamini uthi uphenyo lusuka ezigamekweni ezimbili ezenzeka ngo-Agasti 2014 nangoDisemba 2014 lapho umsolwa adalula khona ukuthi wahlaselwa ngabasolwa ayefuna ukubabopha, kodwa kwatholakala ukuthi wayeqamba amanga ngokuhamba kwesikhathi.

UDlamini uthi lena kwakuyindlela yakhe umsolwa yokwenza izinto njengoba kuvele ukuthi bekungaqali ukuba abulale bese evika ngokuthi wayehlaselwa.

- SABC

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.