Kugwetshwe umdlali webhola ngokudlwengula unkosikazi wakhe

2017-06-09 18:01

Stockholm – Inkantolo yaseSweden ngoLwesihlanu igwebe umdlali webhola waseGhana odlalela iqembu laSweden elisesigabeni se-second division iminyaka emibili ebhadla ejele ngokudlwengula kanye nokushaya unkosikazi wakhe.

Ngemuva kokudonsa isigwebo sakhe, uKwame Bonsu, owayedlalela iGefle IF, uzoxoshwa ezweni laseSweden nalapho ebesehlale khona kusukela ngonyaka ka-2013, kusho iGavle District Court.

IGefle, ngoLwesihlanu ithe uBonsu uxoshiwe kule kilabhu ngokushesha.

OLUNYE UDABA: Bagwetshwe kanzima abesifazane abadlwengula owesilisa eKZN

Ngaphezu kwalokho kuzodingeka nokuthi akhokhe imali engu-$28 000 yesinxephezelo kunkosikazi wakhe, nongowokudabuka ezweni laseSweden.

Wahlangana nonkosikazi wakhe okokuqala ngonyaka ka-2014 esadlala edolobheni eliseningizimu neSweden, iMjolby. Babe sebeshada ngonyaka olandelayo.

Ezinyangeni ezimbalwa ngemuva komshado, wasayina neqembu laseGavle, elisebangeni elingamakilomitha angu-300 neMjolby.

UNkosikazi kaBonsu ubefuna ahlale ukuze ezoqhubeka nezifundo zakhe.

Isisulu sathi lesi sigameko sokudlwengula kanye nokushaya senzeka emzini wabo ngobusuku bangoNovemba 2015 ngesikhathi enqaba ukumvumela aphume.

UBonsu ubelokhu ewaphika amacala, kodwa ubufakazi bezihlobo zikankosikazi wakhe benze ukuthi inkantolo ikholwe wuhlangothi lwesisulu. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.