Kugwetshwe umzala ngecala lokudlwengula

2017-12-14 14:01

Durban - INkantolo yesiFunda yaseMthunzini, KwaZulu-Natal, igwebe owesilisa iminyaka engu-18 ebhadla ejele ngecala lokudlwengula umzala wakhe.

Ummangalelwa oneminyaka engu-35 udabala ugwetshwe ngoLwesibili ngecala lokudlwengula owesimame oneminyaka engu-18 ubudala elokishini laseSikhaleni.

Lokhu kwenzeka ngomhlaka-3 Ephreli nonyaka ngesikhathi le ntombazane ibuya ethaveni yaseMandlankala isilibangise ekhaya.

Le ntokazi yayihamba nomzala wayo ngesikhathi eyijikela eseyikhomba ngommese wase eyayidlwengula.

OLUNYE UDABA: Igwetshiwe indoda ebisolwa ngokubulala nokuphanga

Le ntokazi yagwazwa amanxeba ambalwa emzimbeni ngesikhathi ihlaselwa, kusho amaphoyisa esifundazwe ngesitatimende.

"Yakwazi ukuphunyuka kulo msolwa yavula icala emaphoyiseni aseSikhaleni, icala ladluliselwa kuphiko oluphenya ngamacala odlame lwasekhaya, ukuvikeleka kwezingane kanye namacala okunukubeza ngokocansi," kusho isitatimende.

Umsolwa waboshwa ngosuku olulandelayo.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, usamukele lesi sigwebo esinikezwe ummangalelwa.

"Ummangalelwa kwakulindeleke ukuthi kube nguye ovikela isisulu kepha esikhundleni salokho wasijikela wasidlwengula. Ithimba lethu lizoqhubeka nokwenza umsebenzi oncomekayo ekuqinisekiseni ukuthi labo abahlalise lubhojozi abantu besifazane nezingane bayajeza," esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.