Kugwilize intombazane, 15, ebhishi e-KZN

2018-03-12 07:27

Durban – Kugwilize intombazane eneminyaka engu-15 ubudala eSt Michael's Beach ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, kusho iNational Sea Rescue Institute ngeSonto.

"Abe-NSRI Shelly Beach abebesemsebenzini ngaleso sikhathi bacele usizo lweSA Police Services Search and Rescue nolwama-ambulensi akwaMedEvac bebika ngokuminza kwale ngane,” kusho uJeremiah Jackson, ongumkhuzi wase-NSRI Shelly Beach, ngesitatimende.

Lesi sigameko senzeke ntambama ngoMgqibelo, esho.

"Sithe uma sifika endaweni yesigameko sathola intombazane eneminyaka engu-15 ubudala isikhishiwe emanzini kwazanywa nezindlela zokuyihlenga,” esho.

"Ngeshwa, ngemuva kwayo yonke imizamo eyenziwe le ntombazane ihlonzwe njengeshonile.”

Kuvulwe icala ngokufa komuntu.

"I-NSRI kanye nabezimo eziphuthumayo bathanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wale ngane eshonile,” kusho okhulumela i-NSRI uCraig Lambinon.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.