Kugwilize umfundi ebhukuda nabangani emfuleni eThekwini

2018-03-15 10:59

eThekwini - Amaphoyisa angabatshuzi athole isidumbu sentombazane eneminyaka engu-14 ubudala eminze ibhukuda emfuleni.

Kukholakala ukuthi le ntombazane kanye nabangani bayo bebebhukudla emfuleni ngaseLuanda eMarriannhill ngoLwesibili.

Laba bantwana bebebhukuda kulo mfula bebuya esikoleni ngesikhathi le ntombazane iminza emanzini.

OLUNYE UDABA: Kuminze umfana ethi ukhipha ukushisa eThekwini

Umndeni wakubo ubize abezomthetho ngemuva kokuba engabuyi esikoleni kwaze kwahlwa ngoLwesibili ebusuku futhi akazange afike nasesikoleni ngoLwesithathu.

Ngesikhathi kubuzwa abangani bakhe, amaphoyisa athola ukuthi waminza ngoLwesibili ntambama emfuleni.

Amaphoyisa ophiko lweSearch and Rescue afika kulo mfula ehamba nezinja ezihogela umkhondo kuyothungathwa le ntombazane.

Isidumbu sale ngane sitholakale kuwo lo mfula ngoLwesithathu emini.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.