Kugxekwa ‘ubuthakathi’ obuqhubeka kuGenerations nakuMuvhango

2016-02-26 14:32

Johannesburg – Imidlalo ewuchungechunge yakwa-SABC isithole ukugxekwa yiTraditional Healers Organisation ngokufaka iziqephu ezitshengisa ubuthakathi nezembatho zezangoma.

Ababukeli beGenerations: The Legacy, batshengiswa konke okuqhubekayo uma umuntu enza izinto ezifana nokuthwala.

Kulo mdlalo uTshidi, olingiswa nguLatoya Makhene, ubonakala eyocela usizo enyangeni ngoba efuna ukuphumelela emsebenzini aphinde azivikele yena nomndeni wakhe emabhadini.

Ube esehamba inyanga nomyeni wakhe uGaddafi, agezwe ngemithi nangegazi bese enikezwa inyoka ekuthiwa uMamlambo ukuze azohlala nayo.

OLUNYE UDABA: OweMuvhango uthi wayezipatanisela esebenza eWimpy

KuMuvhango, kunomkhovu ovakashela umndeni, ikakhulukazi indodana yenkosi u-Azwindini. uMuvhango.

Iziqephu zalo mdlalo zivamise ukutshengisa inyanga uMulimisi.

Ngokusho kweSowetan, iTraditional Healers Organisation ikhala ngokuthi le midlalo itshengisa ukwelapha namakhambi esintu ngendlela enokwehlisa isithunzi.

Owale nhlangano uPhephisile Maseko uthe: “Kuyona yomibili le midlalo kuvezwa izembatho zezangoma, okukhombisa ukungawahloniphi amasiko abantu base-Afrika.

“Lokhu kumelene namalungelo ethu,” kusho uMaseko.

Uthe futhi kunomehluko ekwelapheni nasekuthakatheni, kanti le midlalo iyahluleka ukucacisa lokho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.