Kugxekwa uMasipala waseMzumbe ngezakhiwo ezingawusizi ngalutho umphakathi

2017-10-12 19:32

Durban - Usolwa ngokuchitha imali yabakhokhi bentela ezakhiweni ezigcine zingawenzeli lutho umphakathi uMasipala uMzumbe ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.

Lo masipala ongaphansi kukaMasipala wesiFunda uGu, usolwa yizakhamizi ezakhele le ndawo ngokuchitha izizumbulu zezimali ngenqwaba yezakhiwo eseziphenduke amadwala angahlalwa sigcilikisha futhi umphakathi kawuchazelwa ukuthi zakhelweni.

Ezinye sezigugile zingakaze zisebenze. Amalunga omphakathi akhulume neLANGA ngesikhathi athi kuyamangalisa ukuthi umasipala uchithe imali engaka wakha lezi zikhungo - ezigcina zingasebenzi - engabe uyisebenzisa ekwakheni izikhungo ezidingwa kakhulu wumphakathi njengemithompilo.

Kulezi zakhiwo ezakhiwe zangasetshenziswa, yisikhungo esiyisitezi esisendaweni yakwaHlongwa obekungamahhovisi alo masipala okuthiwa asetshenziswe izinyanga eziyisi-7 kuphela kwathi uma ubuholi bawo  buthathwa yi-African National Congress (ANC) kwiNkatha Freedom Party (IFP), leli qembu elibusayo langafuna ukuwasebenzisa lathutha laya oThuthwini, eMthwalume.

La mahhovisi abonakala esesimnweni esihle njengoba egcineke kahle kunamanye amabhilidi, aze abhalwa ngaphandle ukuthi Umzumbe Municipality, abiyelwe kanti noma ulunguza ungaphandle, anefenisha, kukhona nonogada owabhekile.

Ngaphandle kwala mahhovisi, kunendawo yokudlala ibhola lomphebezo, ephinde yazungezwa ngezigxobo zikagesi okukhombisayo ukuthi kwakukhona nogesi. Nayo le ndawo iyabonakala nje ukuthi kayikaze isebenze. Uma uhambela izigodi ezahlukene ngaphansi kwalo masipala ezindaweni ezinjengaseMzumbe, yikwaQwabe, yikwaHlongwa, yiseMorrison naKwaDweshula kunezikhungo ezinjengezinkulisa, izakhiwo ezingamahholo omphakathi, yizindlu ezakhiwe kuthiwa kuzothungelwa kuzona noma umphakathi uzofundiswa ukufuya izinkukhu, nazo kazisetshenziswa nhlobo.

Ezinye zalezi zindawo kazisenawo amawindi, ezinye kazisenalo uphahla njengoba kuthiwa amalunga omphakathi ayazitapela ngoba ebona izindawo zigugela phambi kwawo.

ILANGA likhulume noMnu Wilson Ngcobo Sr, ongumsunguli weNational Religious Freedom Party (NRFP), oke waba yilunga lephalamende ngaphansi kwe-IFP, olitshele ukuthi nabo bakhathazekile kakhulu ngalezi zikhungo ezingakaze zisetshenziswe.

"Lokhu kuwubufakazi bokuthi kusekude ukuthi izindawo zasemakhaya zithole intuthuko njengoba umasipala ukwazi ukuchitha izizumbulu zemali engabe zenze okunye okungalekelela ekwehliseni izibalo zentsha engasebenzi. 

"Amahhovisi nje lawa okwakungakamasipala angasebenza abe yisiteshi samaphoyisa ngoba kasikho endaweni, ezikhona ziqhelile. Kungaba wumtholampilo noma kube ngenye yezinto ezizokuba wusizo emphakathini ngoba sona isakhiwo sesikhona," kusho yena.

Ubuholi obukhona buyaziqhathulula buthi kabazi lutho ngalezi zakhiwo kwazise buzifice sezikhona. Ngokuthola kwaleli phephandaba, lezi zakhiwo zineminyaka zihleli zingasebenzi kanti kuthiwa zakhiwe wuMasipala uGu kwazise owaseMzumbe ubungaziphatheli imali yawo.

OLUNYE UDABA: Kusolwa ukugxambukela kwezepolitiki ngamathenda onogada eThekwini

IMeya yaseMzumbe, uMnu Sizwe Ngcobo, itshele leli phephandaba ukuthi kuliqiniso elimsulwa ukuthi ziningi izizathu ezidala ukuba lezi zindawo zingasebenzi. Ubalule ukuthi ezinye zazo kabanawo amaphepha afanele njengoba abantu abebephethe umasipala ngeminyaka ezakhiwe ngayo, bahambe nawo. Uveze nokuthi iningi lalezi zakhiwo liqhelelene kakhulu nabantu kanti nasekwakhiweni kwazo bekungakhulunywanga nomphakathi.

"Okuhle nje wukuthi yonke le nto okhuluma ngayo ngiyayazi ngoba ngiqale ngonyaka wezi-2000 ukuba yikhasela. Amahhovisi okhuluma ngawo obekungakamasipala, inkinga wukuthi abebekhona phambilini bawakhe endaweni obekungafikeki kalula kuyona. Bekunzima ngisho ukuthi abantu bakwazi ukufika laphayana nezokuthutha zingekho ngakuleya ndawo. Yingakho umasipala uthuthele oThuthwini, abantu bakujabulele lokho ngoba bakwazi ukufika kalula khona," kusho yena.

Mayelana nesikhungo esikhulu esiseSt Faiths - endaweni edume ngokuthi yiseJunction - uthe sakhiwe ngezizumbulu zemali kanti nakhona kunenkinga enkulu ngaso ngoba kufanele ngabe siyasebenza. "Le

ikhungo kwakufanele sibe yiTusong Centre, okuyindawo eba namahhovisi amaningi kahulumeni lapho umphakathi usizakala khona. Inkinga enkulu ngaso wukuthi bathe sebesakhile abebehola umasipala ngaleso sikhathi, sekumele sisetshenziswe, umnikazi wendawo wathi ufuna imali engango-R10 Million ngoba basakhe endaweni yakhe kungavunyelwananga. 
Njengamanje simatasa-ke siwumasipala sizama ukuxoxa nomnikazi wendawo ukuba silungise lesi simo ngaphambi kokuba siqale siyilungise le ndawo," kusho yena.

Uthi ziningi kakhulu izindawo ababhekene nenkinga yokuthi kazisebenzi kanti sebeke bakhipha nezikhangiso ukuthi labo abangakwazi ukuzisebenzisa babathinte ukuze baqashiselwe zona noma uma kukhona amalunga omphakathi adinga ukuzisebenzisa, akhulume nomasipala.

UMnu Mntomuhle Khawula oyilunga lephalamende le-IFP - obeyimeya yoGu ngesikhathi kwakhiwa ezinye zalezi zakhiwo - uthi ngabahola lo masipala abaphethwe wubuvila futhi baphinde bacashe ngesithupha ngoba benganikezi abantu intukutho abayidingayo.

"Ukusho kanjani ukuthi umasipala ukude nabantu ngoba lapha kwakhiwe khona la mahhovisi kusenkabeni yawo lo masipala? Kuyimanje kunabantu abakhele lo masipala okunzima kubona ukufika oThuthwini lapho sekungamahhovisi khona. Intuthuko vele iqala kanjalo bona obekufanele bakwenze wukuqhubeka lapho siqale khona.

"Vele i-ANC ijwayele ukuzibukela phansi izinto ezenziwe yi-IFP. Esikhundleni sokuthi bona baqhubeke nomsebenzi esesiwuqalile, bafuna ukwenza okwabo. Indawo ebiyiTusong Centre bekuwombono omuhle kakhulu kanti ibingakhiwa yisifunda kepha bekuyinto kazwelonke, esingazi-ke ukuthi kwase kuba yini inkinga indawo ingabe isasetshenziswa.

"Okuxaka kakhulu-ke wukuthi lesi sikhungo esiseSt. Faiths bayasiphika kodwa sifana ncamashi nalesi sakhiwo abangenise kusona oThuthwini basishintsha basenza amahhovisi kamasipala. Lezo zikhungo zimbili, zakhiwe wuzwelonke uzakhela ukuthi zibe ngamaTusong Centre. Kuyaxakake ukuthi lesi esinye kabasazi kodwa lesi esinye basebenzela kusona sekungamahhovisi abo," kusho uMnu Khawula.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.