Kugxekwe ukubulawa kwabantu abangu-6 e-KZN

2017-08-28 19:30

Durban - Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa nethimba lakhe ligxeke ukubulawa kwabantu abangu-6 ezigamekweni ezimbili ezehlukene ngempelasonto esifundazweni.

"Lokhu kuyethusa kanti futhi asizukuyivuma le nto yokuthi imigulukudu ingabulala abantu abamsulwa ngesihluku esinje. Ithimba labaseshi lizosebenza ubusuku nemini ukuthola labo ababandakanyeka kulezi zehlakalo. Nginxenxa namalungu omphakathi ukuba axazulule izinkinga zawo ngokuthula," usho njalo ngesitatimende.

Ekuseni ngeSonto, kudutshulwe kwabulawa abantu abathathu endaweni yaseWeenen. Kusolwa ukuthi balandwe emakhaya abo kuyo le ndawo, badutshulwa babulawa ngabasolwa abangaziwa.

Imbangela yesigameko ayaziwa okwamanje. Amagama ezisulu; ngoKhetha Dladla, 57, uMqhoshi Nala, 50, noMkhuluzane Sithole, 35.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwashona abantu abane eThekwini

Kuvulwe amacala amathathu okubulala, ukuphanga nokuthumba esiteshini samaphiyisa aseWeenen.

Endaweni yaseMbumbulu, kudutshulwe kwabulawa abantu abathathu nakhona izolo ebusuku. Kusolwa ukuthi izolo ngezithuba zabo-19:20, izisulu ezintathu bezihamba emgwaqeni owubhuqu zilibangise emakhaya endaweni yasoDidini ngesikhathi zihlaselwa ngabasolwa abangaziwa.

Zontathu izisulu zidutshulwe zashona kanti imbangela yesigameko ayikaziwa. Kuvulwe amacala amathathu okubulala esiteshini samaphoyisa aseMbumbulu ukuze kuzophenywa.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, amaphoyisa athi athungatha abasolwa.

"Sicela noma ngabe ngubani ongase abenolwazi lwezigameko zokubulala ukuba axhumane namaphoyisa asesiteshini esiseduze naye noma ashayele uCrime Stop ku-08600 10111," kuphetha isitatimende.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.