Kugxekwe umphakathi ozitapele imali esale izigebengu zibamba imoto yakwa-G4S

2018-03-05 16:02

Mpumalanga -  Amaphoyisa aseMpumalanga athungatha abasolwa abagebenge imoto ethwala imali yenkampani i-G4S, ngoMgqibelo ntambama.

Lokhu kwenzeke ngasenxanxathela yezitolo iDayizenza ngasekhoneni laseNumbi endaweni yaseMasoyi.

Amaphoyisa athi la madoda abesuka ngaseDayizenza elibangise ngaseHazyview ngesikhathi bezwa kuqhuma isibhamu emuva kwemoto abebehamba ngayo.

Bazamile ukubaleka kodwa kuqhamuke ezinye izimoto ngaphambili zavulela ngenhlamvu kwqphoqeleka ukuba bayimise imoto.

OLUNYE UDABA:Basenkantolo abayeka ukulwa bodwa bajikela umnikazi wethaveni

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Dineo Sekgotodi uthi abasolwa bathathe izibhamu zomshayeli nethimba lakhe, babaphoqa ukuba bangene ehlathini.

Basebenzise iziqhumane ukuqhumisa imoto ukuze bakwazi ukuthatha imali.

"Ngemuva kokuba abasolwa babaleke, kuqhamuke amalungu omphakathi acosha imali ebigcwele yonke indawo," kusho uSekgotodi.

UMajor-General Ntombizodwa Mokoena usigxeke kakhulu isenzo sezakhamuzi.

Uthi labo abazotholakala ukuthi bafike bazenzela endaweni yesigameko bazobhekana nengalo yomthetho.

Uma kukhona abanolwazi olungaba wusizo bangaxhumana noBrigadier Obed Ngwenya ku-082 565 6417 noma ku-071 481 3250.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.