Kuhlaselwe indoda esolwa ngokungamukhokheli umqwayizi

2018-04-24 14:02

Durban - Indoda esolwe ngokungamukhokheli umqwayizi imali engu-R80 kusolwa ukuthi ithole isibhaxu yabanjwa nenkunzi ngudadawabo kalo wesifazane.

Le ndoda ihlengwe ngamadoda amabili angamalungu onogada benkampani ezimele iReaction Unit South Africa.

UPrem Balram weRusa uthe le nddoda engaqashwe ndawo, kusolwa ukuthi ihlaselwe ngabantu abathathu kuTodd Street, eVerulam, ngoMsombuluko ntambama.

Le ndoda, 30, itshele onogada ukuthi ngemuva kwesikhashana iphume ekhemisi ihlaselwe ngowesifazane eyisola ngokuzibandakanya ocansini nodadewabo ongumqwayizi. Lo wesifazane utshele le ndoda ukuthi ayikhokhe imali engu-R80 ngokulala nodadewabo, kusho uBalram.

OLUNYE UDABA:Umqwayizi okhokhisa u-R10

Ngokusho kukaBalram, ngesikhathi le ndoda ikuphika ekuzwayo, lo wesifazane ubuye namadoda amabili.

"Laba bobathathu babe sebehlasela lesi sakhamuzi saseParkgate ngaphambi kokusebela isikhwama semali ebesinesamba semali esingadalulwanga kanye neselula yayo.

"Ngesikhathi abasolwa bebona kuqhamuka onogada, babalekile. Nakuba kunjalo kuboshwe ababili," kusho uBalram.

Uthe  iselula yesisulu itholwe kumsolwa wesifazane.

"Laba bobabili badluliselwe emaphoyiseni ukuze ezophenya," kusho uBalram.


Daily News

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.