Kuhlaselwe izaguga zigetshengwa epulazini

2017-09-29 07:07

Mahikeng – Amaphoyisa aseMarikana aphenya ngesigameko esenzeke kuphangwa epulazini lezaguga ngoLwesithathu ekuseni eBuffelsfontein, North West. 

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Kelebogile Moleko utshele abeNews24 ukuthi owesimame eseminyakeni eko-80 ubudala uhlaselwe abasolwa ababili epulazini lakhe ekuseni ngo-08:00.

Umsolwa oyedwa ubephethe isibhamu.

"Lesi salukazi besiya esibayeni ngesikhathi kufika laba basolwa basibopha izandla basishaya," kusho uMoleko.

OLUNYE UDABA:Udilikajele kunesi owabulala izaguga ezingu-8

Uthi abasolwa bashiye lesi salukazi phandle bangena endlini basabisa indoda ngesibhamu ngaphambi kokuba bayibophe.

"Bafune imali bayiyalela ukuthi ivule i-safe lapho abathathe khona izibhamu ezintathu," kuqhubeka leli phoyisa.

Abasolwa babaleke nomakhalekhukhwini abathathu, ama-solar panel kanye nemali.

Lezi zaguga ziphuthunyiswe esibhedlela ukuze ziyoxilongwa bese zithola usizo lwezempilo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.