Kuhlaselwe kwabulawa abantu abahlanu izolo ebusuku eKZN

2018-03-08 14:01

eThekwini-  Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa ukugxeke kakhulu ukuhlaselwa ngesihluku kwabantu abahlanu ezigamekweni ezimbili ezahukene eKombe ngoLwesithathu ebusuku.

ULanga unxuse umphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa ukuze kubanjwe izigilamkhuba ezibulala abantu.

NgoLwesithathu ebusuku ngo-21:30 endaweni yaseMphalwini, eKombe, oshayasibhamu ababili abangaziwa bangene emzini okule ndawo bavulela ngenhlamvu emndenini obuhleli endlini karawondi.

Abantu abane abaseminyakeni ephakathi kuka-18 no-76 ubudala badubulekile base beshonela endaweni yesehlakalo.

"Omunye wabashonile bekuyisangoma kanye nethwasa. Kulimale owesilisa oseminyakeni eko-30 ubudala ophuthunyiswe esibhedlela enamanxeba okudutshulwa.

"Izingane ezimbili eziseminyakeni ephakathi kuka-13 no-16 ubudala zikwazile ukubalekela kamakhelwane," kusho amaphoyisa ngesitatimende.

OLUNYE UDABA:Usebanjiwe osolwa ngokubulala udadewabo nomshana eNyoni

Kwesinye isigameko esenzeke eZimbidla eMachobeni, izakhamuzi zakule ndawo zizwe kukhala inganono ngo-22:00 ebusuku.

Ngesikhathi kuhlolwa isimo ekuseni, kutholakale ukuthi kunomuzi obuphahlazeke amawindi. 

Uma omakhelwane behlola isimo, bathole kungenamuntu endlini, kodwa ngesikhathi sebebukisisa kahle kutholakale owesilisa oneminyaka engu-70 ubudala edindilize buqamama nendlu.

"Lo mlisa ubenamanxeba ambalwa okudutshulwa emzimbeni. Kuthiwa naye lo mlisa uyisangoma kanti uhlala yedwa kulo muzi," kusho amaphoyisa.

Imbangela yokuhlaselwa kwalaba bantu kayaziwa okwamanje kodwa uphenyo luzokwenziwa ukuze kubonakale ukuba ngabe lezi zigameko zombili ziyahambisana na.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.