Kuhlaselwe kwagwazwa isivakashi ebhishi laseKapa

2018-01-07 09:04

Cape Town – Owesilisa okukholakala ukuthi ungowaseGibhithe ugwazwe amanxeba ayishumi kwisigameko okukholakala ukuthi ngesokugebenga eNoordhoek Beach eKapa ngoMgqibelo ebusuku.

U-Andre van Schalkwyk, okhulumela inhlangano eqapha umphakathi iTable Mountain Watch, utshele abeNews24 ukuthi lesi sigameko senzeke ngo-20:30.

Uthe abosizo oluphuthumayo bafike ngokuphazima kweso bezohlenga impilo yalo mlisa ngaphambi kokuba bamphuthumise esibhedlela.

"Lo mlisa usesimweni esibucayi kakhulu, ngithemba ukuthi uzolulama kukho konke lokhu,"kusho yena.

OLUNYE UDABA:Ubulawe yiqulu umkhulu ogwaze umakhelwane

UVan Schalkwyk uthi bekungacacile kahle ukuthi izigebengu zithatheni kulo mlisa.

Uthi zingu-8 izigameko zokugetshengwa kwabantu ezenzeke kuleli bhishi esikhathini esingangezinyanga ezimbili.

"Esinye sezigameko esenzekile ngenyanga kaNovemba wukuhlaselwa kwezithandani ezidabuka kwelase-Austria nazo zaphelela esibhedlela. Kwahlaselwa nesinye isivakashi esidabuka eGerman kulo leli bhishi,"kuqhubeka yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.