Kuhlaselwe umshayeli wesitimela esesiteringini eKapa

2017-01-30 11:30

Cape Town - Ulimalile umshayeli wesitimela ngesikhathi ejikijelwa ngesitini eduzane naseStellenbosch, kusho umbiko.

Lo mshayeli ohlaselwe esesiteringini ngempelasonto unikezwe ilivu yokugula yesonto elilodwa.

OLUNYE UDABA: Akukacaci noma ubengumfundi kaMatric yini oziphose esitimeleni

Inyunyana i-United National Transport Uniion ithi uWillem Spence ubesanda kudlula ngasemjondolo eseduzane nasesiteshini sezitimela iDu Toit ngesikhathi ebona indoda iphethe isitini ime kujantshi phambi kwakhe.

Le ndoda ibe isisijikijela lesi sitini sashaya iwindi lalo mshayeli. USpence ulimale ebusweni nasezingalweni.

Lesi sisitimela besigcwele phama abagibeli ngesikhathi lo mshayeli ehlaselwa.

Izigameko zifana nalesi sezivamile kulesiya sifundazwe, njengoba kokunye kwake kwadutshulwa umshayeli wesitimela washona eNetreg ekuseni emi esiteshini ethatha abagibeli.

Lesi sigameko senzeka ngoJulayi wonyaka ofile.

 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.