Kuhlawuliswe iCubana Lounge eGoli

2017-11-06 09:31

Johannesburg - IGauteng Liquor Board isihlawulise indawo yobumnandi eGoli, iCubana Lounge, eseFourways ngemali engu-R150 000 ngokudayisa utshwala sekushaye izithuba zabo-02:00 ekuseni ngosuku lwesigameko sokuhlaselwa kwabesifazane ababili esibandakanya owayeyisekela likaNgqongqoshe, uMduduzi Manana.

Ivideo etshengisa uManana eshaya abesifazane ekilabhini ngo-Agasti yasabalala ezinkundleni zokuxhumana, yaholela ekutheni esule esikhundleni sakhe.

OLUNYE UDABA:BUKA: Okwenzeke ngesikhathi uManana "ehlasela" owesimame

UManana wawavuma amacala amathathu okushaya eNkantolo yeMantshi yaseRandburg.

Njengamanje iCubana Lounge isizithole obishini.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho eGauteng, uLebogang Maile, uthe ikilabhu eseFourways iphambane nomthetho iGauteng Liquor Act okuyiwo ovumela ukudayiswa kotshwala ezindaweni zobumnandi phakathi kwamahora angu-08:00 kuya kwangu-02:00 ekuseni.

UMaile, uthe iCubana Lounge akuyona yodwa ikilabhu ephambana nemibandela yezincwadi zokudayisa utshwala kanti iLiqour Board namaphoyisa azogasela emakilabhini njengoba sekusondele isikhathi sikakhisimusi.


 - EWN

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.