Kuhle ukuvuka uzithuntuthe, kusho osephumelele

2017-06-16 13:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories


Durban – Ukusabalala kwesithombe sika-Anele George, 25, ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthweswa iziqu zeDegree in Education e-University of Pretoria, kwagqamisa ubunzima ingane yomuntu omnyama edlula kubo ngaphambi kokuphumelela.

UGeorge, odabuka eDimbaza, elokishini eliseKing Williams Town uthi impilo ayikaze ibe lula kuye momfowabo, 26, njengoba bebekhuliswa ngumama wabo eyedwa yize ubaba wakhe ayephila.

“Angikhuliswanga ubaba yize ebephila. Ngize ngahlangana naye sengineminyaka engu-20 ubudala. Umama ubedonsa kanzima, sihlala emjondolo,” kuchaza yena.

Uthi uyakhumbula ngomunye unyaka besebancane nomfowabo bephiwa ulofu wesinkwa zonke izinsuku njalo ntambama esikoleni ukuba bagoduke nawo.

“Lokhu kwaqala ukwenzeka ngemuva kokuthi umama eye esikoleni wafike wabeka udaba lwethu kothisha. Leso sinkwa kwakuba yiyonanto esasilala siyidlile.

OLUNYE UDABA: Wethweswe iziqu obedla iwunga

“Ngikhule ngazi nje ukuthi ngisho umfaniswano wesikole ngiwunikelelwa yilabo abathintekayo uma bebona isimo sami,” esho enanela ngokuthi umama wakhe wayebamba amatoho emizini yabantu ukuze balale bedlile. “Kwesinye isikhathi babengamholeli, kepha bamnikeze ukudla khona sizolala sidlule.”

Uthi impilo yaqhubeka yaba nzima waze waqeda umatikuletsheni ngo-2011 ngemuva kokuwufeyila ngo-2010.

“Nganquma ukuya eGoli ngemuva kokuphasa umatikuletsheni ngizitshela ukuthi ngiyozama amathuba. Kwafike kwamnyama kakhulu nakhona ngoba ngagcina sengisebenza e-KFC ukuze ngizokwazi ukungena enyuvesi, ngabe sengithola umfundaze sengingaphakathi,” kuqhuba yena uGeorge.

Uthi kwamthatha iminyaka emine ukuphothula iDegree yakhe wase eba ngowokuqala ngqa emndenini wakhe ukufinyelela kuleli zinga lemfundo.

“Ngikhuluma nawe nje manje ngiwuthisha ofundisa iMaths ePhillip Mtywaku Senior Secondary School, ePeelton, e-Eastern Cape ngemuva kokuqashwa ngokugcwele ngoMashi nonyaka,” esho.

Uphetha ngokuthi ayikho into ongeke uyenze uma unentshisekelo: “Uma kwenzeka uhluleka okokuqala, ungadikibali”.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.