Kuhlehle icala umsolwa engawutholi umbhede esibhedlela eMtshezi

2018-02-27 18:01

Estcourt - Lihlehlisiwe icala elibekwe amadoda amane asolwa ngokuba ngamazimuzimu eNkantolo kaMantshi e-Estcourt.

UMshushisi omkhulu woMbuso uWendy Greeff utshele inkantolo ukuthi zimbili izingqinamba ababhekene nazo ezavela ngesikhathi leli cala ligcina ukuqulwa kule nkantolo.

Inkinga yokuqala wukuthi ithimba lePretoria Forensic Laboratory licele ezinye izinsuku ezingu-14 ukuqedela umsebenzi wokuhlola ulibofuzo.

OLUNYE UDABA:Lihlehlisiwe icala 'lamazimuzimu' aseMtshezi

Inkinga yesibili wukuthi basanda kuthola ukuthi ngaphambi kanye nangemuva kokuba umsolwa wokuqala ethule ubufakazi bakhe evuma leli cala, ubengaphilile kahle engqondweni kanti futhi ubengaphathekile kahle nasemoyeni.

Wahanjiswa ohlelweni lokuhlola ingqondo kodwa nakhona kwaba nesimo sokubambezeleka ngenxa yokungawutholi umbhede esikhungweni sabaphazamisekile ngokomqondo.

Ummeli wabasolwa ukhala ngokuthi ngesikhathi bevela enkantolo, umshushisi woMbuso wabikela inkantolo ukuthi kunokubambezeleka ekuhlolweni kolibofuzo nokuyinto engagcina isithatha amasonto amane.

Lo mmeli uthi uzofaka isikhalazo enkantolo ngoba ngathi kuningi ukubambezeleka kwaleli cala okungaqondakali.

“Ukudingidwa kodaba lokuhlolwa ngokwengqondo kukamsolwa wokuqala kuzobambezela, amakilayenti ami ngeke aze akwazi ukuhlala ezitokisini kuze kushaye uJulayi icala lingaqulwa.

"Kumele kubekwe usuku lapho bezonikwa khona ibheyili,” kusho ummeli wabasolwa, kubika i-Estcourt News.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.