Kuhlehlile ukuqulwa kwecala elibhekene noSandile Mantsoe

2018-03-05 14:03

Johannesburg - Kuhlehlisiwe ukuqulwa kwecala likaSandile Mantsoe osolwa ngokubulala ngesihluku intombi yakhe abathandana nayo izinyanga ezingu-8 nje vo, uKarabo Mokoena.

Ukuhlehla kwecala kuza ngemuva kwesicelo soMbuso kulandela ukuzwakala kobufakazi obusha obuvele ngesikhathi kuxoxiswana nofakazi.

Ukuqulwa kwecala bekulindeleke ukuba kuqale namuhla (ngoMsombuluko) eNkantolo eNkulu yaseGauteng.

OLUNYE UDABA:Kuyaqala ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaKarabo Mokoena

Isicelo somshushisi uPhakanwiswa Marasela sokuhlehliswa kwecala sivunyiwe enkantolo, icala labe selihlehliselwa umhlaka-19 Mashi.

UMbuso uzobiza ofakazi abangu-19.

Yomibili imindeni, owakwaMantsoe nowakwaMokoena, ibikhona enkantolo.

"Ngesikhathi sikhuluma nofakazi, kuvele okusha kwaholela ekutheni sicele ukuba kuhlehliswe ukuqulwa kwecala," kusho okhulumela iNational Prosecuting Authority uPhindi Mjonondwane.

Ukuqulwa kwecala kulindeleke ukuba kuhlale kuyo le nyanga.


– African News Agency (ANA)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.