Kuhlehlisiwe ukuqondiswa kwezigwegwe kukaMashaba

2016-12-02 11:31

Cape Town – Umqeqeshi weBafana Bafana osamisiwe, uShakes Mashaba, kuzomele athi ukulinda elinye isonto ngaphambi kokuthi azi ngekusasa lakhe, njengoba kuphinde kwamiswa ukuqondiswa kwakhe izigwegwe.

Ngokwemibiko, uMashaba bekuhlelwe ukuba avele ngaphambi kwekomidi lokuqondisa izigwegwe leSouth African Football Association (SAFA) ngesonto eledlule, kodwa kuye kwahlehliselwa uLwesine wamhla lulunye kuDisemba.

OLUNYE UDABA: Inkakha yeBafana igxeke uShakes Mashaba

Kodwa-ke kuthe uma sekushaya isikhathi sokuthi kuqhubeke lesi sigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe ngoLwesine, lo mqeqeshi oneminyaka engu-66 ubudala, wacela ukuba siphinde sihlehliswe.

Ngenyanga eyedlule i-SAFA yamisa uMashaba ngemuva nje kokuthi iBafana ishaye iSenegal ngo-2-1 emdlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ka-2018.

Kwabikwa ukuthi lo mqeqeshi weqembu lesizwe wathusana noMengameli we-SAFA, uDanny Jordaan, esigamekweni esenzeka ngaphambi nje kokuthi kube nengxoxo nomabonakude yangemuva komdlalo.

Ngenxa yalokhu, uMashaba akabanga yingxenye yomdlalo ngesikhathi iBafana ibhekene neMozambique, nalapho kwagcina kubambe khona oyisekela lakhe, u-Owen Da Gama.

INhloko yezokuxhumana ku-SAFA, uDominic Chimhavi, ukuqinisekisile enkundleni yezokuxhumana, uTwitter, ukuthi lesi sigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe sihlehliselwe isonto elizayo, njengoba uMashaba ebedinga esinye isikhathi sokuqoqa ubufakazi bakhe.

UMFANEKISO:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.