Kuhlehlisiwe ukuqondiswa kwezigwegwe kwezintatheli eSABC

2016-07-01 14:32

Johannesburg – Kuhlehliselwe isonto elizayo ukuqondiswa kwezigwegwe kwezintatheli ezintathu eSABC eziphikisana nemigomo yokuhlungwa kwezindaba.

Ngokombiko we-Independent Media, umdidiyeli omkhulu weSpecial Assignment uBusisiwe Ntuli, umdidiyeli wezindaba kuSAfm uKrivani Pillay nentatheli ephezulu uJacques Steenkamp bacele ukumelwa ngabameli babo ngesikhathi isigcawu sihleli ngoLwesihlanu ekuseni.

Funda nalolu daba: Kushone abayisithupha kusha umjondolo

Lezi zintatheli ngoLwesithathu zithweswe icala lokungaziphathi kahle ngemuva kokuba lizwakalise ukukhathazeka kwazo ngokuhlungwa kwezindaba encadini eziyibhalele isikhulu seSABC uHlaudi Motsoeneng.

Owayengunobhala jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi, naye obekhona, ugxeke izinto ezenzakalayo eSABC.

Uthe bafuna zibuyiselwe emsebenzini izintatheli ezimisiwe waphinde wagxeka ubuholi be-ANC ngokuvumela lento ukuba yenzeke, kubika iThe Star.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.