Kuhlehlisiwe ukwehliswa kwesigwebo salowo osolwa ngokubulala umndeni

2018-03-27 10:59

eKapa - Bekulindeleke ukuba uHenri van Breda oneminyaka engu-23 ubudala ezwe ngekusasa lakhe eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape namuhla (ngoLwesibili), kodwa lokho ngeke kusenzeka.

Lokhu kulandela isinqumo sejaji uSiraj Desai sokuhlehlisa usuku lokukhishwa kwesinqumo sakhe ngaleli cala.

Okhulumela abeNational Prosecuting Authority (NPA) eWestern Cape u-Eric Ntabazalila ngoMsombuluko ukuqinisekisile ukuthi icala likaVan Breda lihlehliselwe umhlaka-23 Ephreli.

OLUNYE UDABA:Osolwa ngokubulala abazali ukhombise inkantolo indlela alwa ngayo nesigebengu

UVan Breda wawaphika amacala abekwe wona okugenca abazali bakhe kanye nomfowabo ngembazo bashona. 

Udadewabo uMarli uyena yedwa owasinda kulesi sigameko yize wasala ekhubazekile.

Lo msolwa watshela inkantolo ukuthi kwangena isigebengu kubo okuyisona esahlasela abazali bakhe, kanti yena wasinda ngoba wakwazi ukulwa naso wasinqoba sagcina sesibalekile.

.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.