Kuhlehliswe ukuqulwa kwecala umsolwa elaxaza ummeli wakhe

2017-10-09 14:00

Cape Town - Lihlehlisiwe icala lamadoda amabili asolwa ngokubulala umbhali uWinnie Rust.

Laba basolwa bavele enkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoMsombuluko lapho oyedwa wabasolwa eshintshe abammeli kanti lo omunye ubengaphilile kahle.

Ummeli osebenzela abeLegal Aid uLeandra Adams utshele ijaji u-Elise Steyn ukuthi ushayelwe ucingo ngo-09h00 ekuseni kusukela kumsolwa uNigel Plaatjies emazisa ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nokusebenzisana naye ngenxa yokungamethembi.

Kuthiwa lo msolwa kungenzeka abuyelana nommeli wakhe waphambilini uBruce Morrison.

U-Advocate Ken Kloppers ongummeli kamalume kaNigel uJohannes Plaatjies, ongumsolwa wesibili, uthe uJohannes udinga ukuxilongwa ngodokotela ngoba akapholile kahle.

OLUNYE UDABA:Lesuliwe icala lowesifazane owabulala 'owayendlwengula' indodakazi

Bobabili laba basolwa babhekene necala lokubulala uRust owatholakala edindilizile emzini wakhe ose-Uitsig, Wellington ngomhlaka 11 Meyi ngonyaka odlule.

Umyeni wakhe uDkt Manie Rust uyena owathola isidumbu somkakhe ekhishini emzini wabo, uthi wayelele wavuswa wumuntu owayefuna ukungena ngesango emini ngo-15h30 ngesikhathi ethola isidumbu somkakhe.

Umufi wayelimele kabi ebusweni kanti kuthiwa waklinywa waboshwa izanda nezinyawo.

Umama kaNigel wayesebenzela indodakazi kaRust kanti umufi uyena owayekhokhela izindleko zesikole zalo msolwa kusukela esafunda ibanga 7 futhi wayejwayelene kakhulu nalo mndeni.

Leli cala lihlehliselwe umhlaka 12 Okthoba uma uNigel esethole ummeli omusha futhi noJohannes esethole usizo lodokotela.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.