Kuhlelwa uzime wezintokazi ezondlekile

2017-09-01 07:01

Johannesburg - ICurvybody South Africa izonika abesimame bakuleli ithuba lokuziqhenya ngemizimba yabo ngokusingatha uzime wabesimame abondlekile owaziwa ngo-Miss no-Ms Curvybody SA.

ICurvybody SA, ephethwe nguMapule Mphaki, yinkampani egxile ezinhlelweni zokuthuthukisa abesimame, ukondleka kanye nezobuhle.

UMphaki uthi lo zime uhlose ukuqeda ukucindizelwa kwabesimame abanomzimba.

"Inhloso yethu wukuqeda inkoleloze yokuthi ubuhle buhambisana nosayizi womzimba. Ubuhle abuhambisani nokuba mncane ngokomzimba, usayizi awusho lutho," kusho yena.

Uthi ubuhle abunamkhawulo futhi abesimame kumele bazi ukuthi bangaphumelela ngisho ngabe banomzimba ongakanani.

OLUNYE UDABA:Wethuse abasekhweni elobola umkakhe okwesibili

Umqhudelwano wozime uzoba yizigaba ezimbili; owokuqala uvulelwe abesimame abaseminyakeni ephakathi kuka-18 no-27 ubudala.

Isigaba sesibili ngesabesimame abaseminyakeni ephakathi kuka-28 no-39 ubudala.

I-Miss & Ms Curvybody SA isibaqokile abangu-15 abazoncintisana emcimbini ozoba ngomhlaka-28 Okthoba e-Indaba Hotel eFourways, eGoli, kubika iSunday World.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.