Kuhlelwe izithuthi zamahhala kulabo abazoya emcimbini weNdlabeyiphika

2018-03-27 09:30

eThekwini -  Abahleli bomcimbi Indlabeyiphika Maskandi Festival bathi bazohlomuma kakhulu abathandi bomculo kaMaskandi abazoba yingxenye yalo mcimbi.

Lokhu kulandela isimemezelo sokuthi kuhlelwe izithuthi zamahhala ezizohambisa abantu abazoba yingxenye yalo mcimbi kusukela ezindaweni ezahlukahlukene esifundazweni saseGauteng.

Lokhu kwenzelwe ukuba kusizakale abathandi bomculo kaMaskandi bakaMaskandi abaqhelelene nedolobha laseGoli nokuyilapho kuzobanjelwa khona le ndumezulu yomcimbi ebhekwe ngabomvu.

OLUNYE UDABA:Indlabeyiphika ibeka uMaskandi ezingeni eliphezulu kakhulu

Ngokusho kukaMpilo Manyathi ongumhleli nomxhumanisi wabezindaba kulo mcimbi, kukhulu okuzozuzwa yilabo asebethenge amathikithi okuya kulo mcimbi.

“Sesilukhiphile uhlu lwezindawo lapho kuzotholakala khona izithuthi zamahhala ezizohambisa abathandi bomculo abanamathikithi okuya emcimbini.

Ngale kwalokho, uManyathi uthi kunemicicilizo eyingwaba ekhishwe ngabakwaCutty okuzoklonyeliswa ngayo abambalwa abazohambela lo mcimbi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.