Kuhlengezele izinyembezi kwabaningi umkaGugu Zulu evalelisa umyeni wakhe

2016-07-28 14:32

Johannesburg – Unkosikazi kaGugu Zulu, uLetshego, uvuse umunyu kwabaningi ngesikhathi evalelisa okokugcina kumyeni wakhe obedume ngokushayela izimoto zomjaho kuleli.

Ukhulume enkonzweni yomngcwabo kaZulu eRhema Bible Church, eRandburg, ngoLwesine.

UZulu washona eqwala intaba iKilimanjaro enza umsebenzi wesihe.

“Ngiyazi ukuthi lapho ekhona uyasho ukuthi angingadikibali kulokhu ebesikwenza sobabili. Uwena wedwa kuphela umuntu okuqondayo konke lokhu,” esho.

OLUNYE UDABA: Video: Kukhunjulwa uGugu Zulu ngamagalelo akhe kwezomjaho

ULetshego uthe uzoqinisekisa ukuthi indodakazi yabo uLelethu, iyaqhubeka nokuba ukukhanya.

Encwadini efundwe ngumngani kaLetshego, umkaZulu uthe: "Ubungubaba oqotho endodakazini yethu, ngizoqinisekisa ukuthi uyaqhubeka uba yinkanyezi empilweni, alandele igama lakhe elithi Naledi. Ngizokuqinisekisa lokho.

“Inhliziyo yami isazoba buhlungu isikhathi eside. Ngisazoya eKilimanjaro, ngiyoyiqwala ngize ngifike esicongweni ngoba ngenzela wena.

“Sengiyaqala manje ukwamukela enhliziyweni yami ukuthi awusekho emhlabeni, ukuthi uye endaweni engcono.

“Ngibuhlungu kakhulu ngokushiywa ngumngani wami omkhulu.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.