Kuhlengwe owakuleli ‘ekwenziweni isigqila socansi’ eMalaysia

2017-07-29 13:01

Cape Town – Owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala waseBloemfontein uhlengwe kumkhonyovu okusolakala ukuthi ushushumbisa abantu ukuze bayoba yizigqila zocansi, eMalaysia.

Lo wesifazane kulindeleke ukuba abuyiselwe kuleli ngoMsombuluko.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ngoLwesihlanu ebusuku uthe lo wesifazane wayengelwa eMalaysia eluthwa ngokuthi uzoba yingxenye yomqhudelwano wokumodela.

"Senza konke okusemandleni ukubuyisela le ntombazane ekhaya, okwamanje isendaweni ephephile kanti isibonene nabasehhovisi lenxusa eliseKuala Lumpur," kusho uMbalula.

OLUNYE UDABA: Kufunwa umama obenza ingane isigqila socansi

"Indaba yokushushumbiswa kwabantu ibucayi kakhulu kanti ngithanda ukuthi abantu besifazane, ikakhulukazi abasebancane, bazi ukuthi basengozini engakanani yokushushumbiswa bese beyokwenziwa izigqila zocansi noma bacwiywe izicubu zomzimba.”

UMbalula uthe waziswe ngosizi lwalo wesifazane ngoLwesithathu ebusuku.

Yena nabanye abesifazane abangu-14 bahlengwe kulandela uphenyo olunzulu lwe-Interpol, amaphoyisa aseMalaysia, oKlebe kanye noMnyango wamaPhoyisa eNingizimu Afrika.

“Bengikhathazeke kakhulu ngokuthi kuhlengwe owakuleli kanye nabo bonke abenabo,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.