Kuhlokome uTwitter uMgarimbe 'esaphaza' uDJ Twitty

2017-08-18 17:59

Durban - Uthi lwezichwe lususwe wukuthi uDJ Twitty amemezele ukuthi uzokwenza kabusha iculo likaMgarimbe elashisa izikhotha ethi Sister Bettina.

UTwitty, ogama lakhe langempela nguPhilani Khuzwayo uTwitty usho lokhu nje kanti akazi ukuthi useyinyathele emsileni kuNkosinathi "Mgarimbe" Mfeka.

UMgarimbe uhlanze konke, waveza nokuthi lo DJ walala nentombi yakhe.

Ngokusho kwalo mculi enkundleni yezokuxhumanab uTwitter, wayehluphekile engenayo ngisho indawo yokuhlala ngesikhathi uTwitty emfaka ngaphansi kwekhwapha lakhe.

Uthi konke kwakuhamba kahle kwaze kwaba wukuthi ufica loDJ nentombi yakhe besemashidini bengagqokile sebezumekile "ngenxa yababekwenza".

OLUNYE UDABA:UMgarimbe ubambisene noCassper Nyovest kwekagologo nobhiya

L mculi uyavuma ukuthi vele wayengulopholo "futhi emubi" yingakho kwaba lula ukuthi atatshelwe intombi ngoba uTwitty izinto zazisamhambela kahle ngaleso sikhathi.

UMgarimbe uthi usekumcika kakhulu wukuthi lo DJ ufuna ukumthathela ingoma yakhe ngendlela efanayo nale amthathela ngayo intombi.

Funda nansi imibhalo kaMgarimbe ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.