Kuhlonzwe isidumbu sendoda, ikhanda layo elatholwa kubhakha eThekwini

2017-08-16 14:02

Durban - Sihlonzwe ngamaphoyisa aKwaZulu-Natal isidumbu sendoda esatholwa sishumpulwe ikhanda ekuqaleni kwenyanga eThekwini.

Indoda eneminyaka engu-24 ubudala eyaboshwa maphakathi nedolobha eThekwini ngemuva kokuba amaphoyisa ethole ikhanda lesisulu lifakwe esikhwameni.

Kuthiwa yayihlela ukudayisela inyanga leli khanda ngo-R20 000.

Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbhele uthe isisulu sihlonzwe njengowesilisa wase-Eastern Cape ubeseThekwini ngenxa yamatoho.

OLUNYE UDABA:Kutholwe ikhanda lomuntu esikhwameni eThekwini

Isidumbu sayo le ndoda satholakala eMayville.

UMbhele uthe kuphinde kwaboshwa omunye umuntu mayelana nalesi sigameko.

"Isidumbu sihlonzwe njengesomuntu obehlala eMayville, kodwa odabuka eBizana. Abasolwa ababili baboshwa, bavela nasenkantolo, icala lahlehliswa. Abasolwa basasesitokisini," usho njalo.

Abasolwa balindeleke ukuba baphinde bavele enkantolo ekupheleni kwenyanga.

 - Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.