Kujabhe abaningi engaphumeleli uMengameli Zuma kwinkomfa eseThekwini

2017-06-08 09:32

Durban – Kwehle iziqhomo kulabo abebethamele inkomfa iWorld News Media Congress yalo nyaka ebanjelwe eNkosi Albert Luthuli Convention Centre ngesikhathi betshelwa ukuthi uMengameli Jacob Zuma ngeke esaphumelela.

Lokhu yingoba kuthe sekusondele isikhathi somcimbi wokwamukelwa kwezithameli, zezwakala emaphasishi zithi zikubheke ngabomvu ukubona uMengameli 'ngo si'.

Izindaba zokuthi uMengameli Zuma ngeke asaba yingxenye yale nkomfa zibhadlazwe yilowo onguMengameli weWorld Association of Newspapers and News Publishers uThomas Brunegard othe uZuma uvaleleke eKapa njengoba kunesiphepho.

“Ngeshwa uMengameli Zuma ngeke asakwazi ukuba asamukele, umyalezo siwuthola manje nje ukuthi ngeke asakwazi ukuzosamukela ngenxa yesimo sezulu esingesihle eKapa. Siyethemba ukuthi uzokwazi ukuza kulezi zinsuku ezimbili ezizayo. Kodwa ngebhadi, akezi namhlanje,” usho kanjalo, kuzwakala izethameli ziquma.

Uqhubeke wathi ingqikithi yale nkomfa ukuthi abakulo mkhakha wezindaba bacijane ezintweni eziningi.

“Kuhle ukuthi sihlangane kanje sakhane ngezindlela eziningi siphinde sibonisane kokuningi okuqhubekayo kulo mkhakha. Ngithanda nokubonga iKwaZulu-Natal ngokuthi ikwazi ukusisingatha nokweseka le nkomfa,” esho.

UBrunegard ube eseveza ukuthi usebeka phansi izintambo njengoMengameli wale nhlangano.

UNgqongqoshe wezokuXhumana kwamaZwe, uMaite Nkoane-Mashabane, wamukele izethameli, naye wadlula kweyokuthi kungani engabonakali uZuma kule nkomfa.

“UMengameli ubezimisele kakhulu ukuba lapha, kepha kwangahamba ngokohlelo njengoba sazi sonke ngesimo sezulu esiqhubekayo eKapa nesesidlule nemiphefumulo yabantu ababalelwa kwabayishumi,” esho.

“Ngimele uMengameli wethu, uhulumeni kanye nomasipala siyanamukela nonke ekhaya. INingizimu Afrika iyikhaya lezintatheli ezisebenza ngokukhululeka.”

Uphethe ngokuthi luselude ukhalo malunga nokukhululeka kwabezindaba.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal, ophinde abe yibamba likaNdunankulu, uSihle Zikalala, uthe beyizwe bayakwazi ukubaluleka kokusebenza ngokukhululeka kwabezindaba ngokuhambisana nentando yabantu.

“Ngaphandle kwabezindaba kanye nezinkundla zokuxhumana, abantu ngeke baluthole ulwazi ngokuqhubekayo emhlabeni futhi ngeke bakwazi ukuba yingxenye yezinhlelo eziqhubekayo ezweni,” esho.

Ukhulume kabanzi ngomkhakha wezindaba waze wabalula nokuthi kubalulekile ukuthi ezikoleni zobuntatheli kufundwe ngokucwasana ngokwebala okukhona kulo mkhakha.

Le nkomfa, okusuke kuboshelwe kuyo ikakhulukazi labo asebemnkantshubomvu kwezobuntatheli kanye nokunye okuxhumene nomkhakha wezindaba, iqale ngegiya eliphezulu eThekwini ngoLwesithathu njengoba izodonsa kuze kube uLwesihlanu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.