Kujame konke kubhajwa iguzu kujantshi

2016-12-19 13:32

Johannesburg - Kuvimbezeleke izitimela ezintathu zase-Eastern Cape ngaphambi kwaseBloemfontein kulandela ukubhajwa kweguzu lakwaTransnet Fright kujantshi eFree State namuhla ekuseni.

Kuphazamiseke ukuhamba kwesitimela saseGoli eSpringfontein ngenxa yesehlakalo esenzeke eHertzberg bngezithuba zabo-02:00, kusho uMnyango wezokuThutha.

OLUNYE UDABA: Kulimale inqwaba kushayisana izitimela eDBN

UNgqongqoshe uDipuo Peters uxolisile kubagibeli kanye nemindeni yabo abakulezi zitimela ezintathu ezibhajwe eBloemfontein, esitatimendeni.

Lezi zitimela zibheke eQueenstownm e-East London nasePort Elizabeth.

Abagibeli besitimela saseGoli bazohlelelwa amabhasi.

AbakwaPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) bathe kulindeleke ukuba ukulungisa le nkinga kuthathe amahora angu-10.

"UPeters ubonge abakwaPrasa nabakwaTransnet ngokuphuthuma kule nkinga ngokushesha," kusho isitatimende.

- TMG Digital

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.