Kukhalwa ngehlathi ‘elinenkungu ekhulumayo’ eNkandla

2017-11-27 18:00

Durban – Umphakathi waseMzimhlophe esigodini saseQhudeni, eNkandla, ukhala ngehlathi eliyinkinga okuthi uma uke wangena kulo kunenkungu ekhasa phansi kube nzima ukubona indlela egodukayo, umqondo udideke ugcine usudavuza ungazazi ubheke kuphi.

Isigameko sakamuva sokuduka komuntu kuleli hlathi senzeke ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi kuduka uMthobisi Ntuli, 17, wakhona eMzimhlophe obehamba nabangani bakhe beyolanda izinkomo emadlelweni, waze watholakala ngoLwesihlanu.

Elandisa iZindaba24 uthi inkinga yadalwa ukuthi wasalela ngemuva ebafaneni ayehamba nabo ngoba ihhashi lakhe lase likhathele futhi nenduku ayeyiphethe yabe isiphukile.

“Ngangingaqali ukuhamba kuleliya hlathi, inkinga wukuthi ngasala kulaba engangihamba nabo ngenxa yokuthi ihhashi lami labe selikhathele. Ngangithi ngiyanqamulela kanti sengizoduka kakhulu ngaze ngagcina sengisendaweni engingayazi,” echaza.

UMthobisi uthi ngokubona kwakhe inkungu ekhona kuleliya hlathi ihambisana nemimoya emibi.

“Ngicabanga ukuthi le nkungu ihambisana nezilwane ngendlela okwenzeka ngayo kimi futhi uma usehlathini kuba sengathi iyakhuluma le nkungu. Kuba sengathi kukhona umuntu ozoqhamuka kodwa kugcine kungavelanga muntu, kepha amazwi ayezwakala,” kulandisa uMthobisi.

Uthi wahlala izinsuku ezintathu engayiboni indlela, wasizwa nawukuthandaza ngesikhathi kuqhamuka izingulube zehlathi, ngaleyo ndlela zangamlimaza.

“Indlela ngayibona ngoba sekuphume ilanga kwazise ngaduka izulu liguqubele,” esho.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kwalimala abangu-60 kushayisana 29 wezimoto eGoli

Umalume kaMthobisi, uThemba Ntuli, uthi kwabathusa kakhulu ukuduka kwalo mfana izinsuku ezimbili. “Waduka ekade ehambe ekuseni nabanye abafana. Sambheka sancama waze waziqhamukela yena ngemuva kwezinsuku ezimbili. Sathi sibuya ezintabeni ukuyomthungatha samthola esesekhaya,” esho.

Uthi kwadingeka amthathe amphuthumise esibhedlela ukuze ayothola amaphilisi nomjovo ngoba wahlala isikhathi eside eqhuqhwa amakhaza ehlathini. Ngemuva kwalokho uthi wamyisa enyangeni ukuba iyombhemisa ukuze imukhiphe imimoya emibi yehlathi nezintaba ngoba wayethuka ebusuku.

Ikhansela lakuwadi 8 ngaphansi kukaMasipala waseNkandla, uMaviyo Mbuyisa, uveze ukuthi indaba yenkungu yiyo eyinkinga kule ndawo.

Ube esexwayisa abantu ukuba bangahambi ngakuleli hlathi uma bebona inkungu ukuthi iyaqala iyavimbanisa.

“Uma kuqala inkungu abantu siyabanxusa ukuba babuyele emakhaya ngokushesha ngoba uma libalele ayikho inkinga ebikwayo ngaleli hlathi. Inkungu inokuqala esikhaleni nje, siyacela ukuthi uma iqala abantu besendleleni, kuhle bajike kusekuhle,” esho.

Uphinde wathi kwesinye isikhathi le inkinga inezezelwa ngabantu abashonela kuleli hlathi bese bengalandwa.

“Leyo mimoya ibe isihlupha abantu ngokubapokela njengoba bethi nje bezwa le nkungu kungathi iyakhuluma,” kusho uMbuyisa.

Induna yendawo uNgqondo Buthelezi uveze ukuthi le nkungu kudala yaqala ukuba yinkinga, akuyona into entsha.

“Yinto endala leyo, inkungu kade vele yaqala ukusihlupha. Uma ingekho inkungu akukho muntu odukayo, kepha uma ike yaqala yaqoqana baduka impela, abanye baze balale khona ehlathini,” kusho uButhelezi.

Uthi akukho ukugwema le nkinga yokulahleka kwabantu kuleli hlathi ngaphandle ngokuthi uma kukhona inkungu bangangeni kulo.

“Abantu baduka uma kukhona inkungu kuphela, uma ingekho akubikwa lutho. Abantu balahleka ngoba inkungu isuke imnyama bhuqe, ungasaboni ngisho umunwe wakho imbala,” ephetha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.