Kukhalwa ngo-Sugar Daddy nama-Blesser kweye-AIDS

2016-07-21 10:14

Durban - ULebogang Motsumi, 27, usalukhumbula usuku nesikhathi ezwa ngalo ukuthi usenesifo sesandulela ngculaza i-HIV ayithelelwa yindoda endala kunaye.

"Kwakungumhlaka-15 Agasti 2009 ngezithuba zabo-13:00," esho ekhumbula usuku impilo yakhe eyashintsha ngalo.

OLUNYE UDABA: Izoba sethekwini ingqungquthela yezitabane

"Ngangingazi lutho,"usho njalo. "Ngangicabanga ukuthi i-HIV inobuso-izacile, iyahlupheka futhi iyafa, kanti akunjalo, abubona lobobusa."

Indoda eyamthelela ngegciwane ingu-Sugar Daddy noma ke iBlesser njengoba asebizwa kanjalo kulezi zinsuku.

Ubungozi bama-blesser yibo obekuqhakambe phambili kule ngqungquthela yomhlaba wonke eqhubeka eThekwini kuleli sonto.

Eningizimu Afrika abantu abangu-7 million baphila ne-HIV kanti kusolwa amadoda amadala ngezinga eliphezulu lokutheleleka nge-HIV ezinganeni zamantombazane ezisakhula nabesifazane abasebancane.

"Engifuna ukukusho kuma-blesser, ngifuna ilevel eyodwa" Level Zero, awafuneki amadoda abeka izingane zamantombazane engcupheni yokutheleleka nge-HIV,"kusho oweUNAIDS uMichel Sedibe ngoMsombuluko ngesikhathi kuqhubeka ingqingqithela.

Masonto onke kunesibalo esilinganiselwe kwesingu-2 000 eNingizimu Afrika sabantu besifazane abathetheleka nge-HIV abaneminyaka epghakathi kwengu-15 nengu-24 ubudala.

Amantombazane aphakathi kweminyaka engu-15 nengu-19 ubudala aphindaphindeka kawu-8 angase abene-HIV kunontanga yabo abangabafana.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.