Kukhalwa ngomfundisi osolwa ngokulala nabazalwane oNdini

2017-10-30 11:01

Durban - Bahlafuna bejeqeza kuhle kwezinyamazane abesifazane abasola umfundisi webandla elisoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngokubanukubeza ngokocansi.

Laba besifazane, abaneminyaka ephakathi kweli-18-26 ubudala, bagonyuluke kuleli phephandaba ngenceku - esingeke sayidalula nebandla layo - abathi ibibanukubeza ngokocansi, kuthi noma bezama ukuyiceba ebandleni bangalutholi usizo.

Bakhala ngokuthi lo mfundisi ubezitika ngabo ngokocansi abatshele ukuthi yena unogcobo oluyisimangaliso njengoba elala nabo nje, bazotheleleka ngalo.

Bathi umfundisi ubebanika into ezobadaka, abanye bathi ubeze abaphuzise amaphilisi athile uma eseqedile ukubanukubeza ngoba engafuni ukuba bakhulelwe kwazise bonke bathi ubekhala ngokuthi ijazi lomkhwenyana akalisebenzisi ngoba liyamlimaza.

Owesifazane oneminyaka enganama-21 ubudala, ongowokuzalwa KwaNongoma kodwa manje osezinze ePitoli, utshele ILANGA ukuthi ubemazi umfundisi kodwa emazela kude futhi ejwayele nokufika lapho abesonto khona.

"Kuhambe isikhathi ngagcina sengimazi nasenkundleni yokuxhumana iFacebook. Ngixoxe naye ngelinye ilanga ngicela ukuba angikhulekele ngoba bengihlaselwe yimicabango emibi, ngingalali kahle. Sibe sesijwayelana kanjalo wagcina esethatha nezinombolo zami nami wanginika ezakhe," kusho lona wesifazane edalula negama lebandla lalo mfundisi elikwaD elokishini lasoNdini.

"Uqale wangishela wathi kuyintando kaNkulunkulu ukuthi mina naye sithandane. Ngibuze ukuthi kungenzeka kanjani lokho ngoba yena ushadelwe. Ubese elokhu engicela izithombe zami, okuthe ngelinye ilanga wathi ucela ukungibona.

"Kanginakanga ukuthi ngabe ufunani, ufikile ekhaya ngangena emotweni yakhe ngizitshela ukuthi sizoxoxa. Uvele wayishaya wayibhekisa kwakhe wathi ufuna sidlule edolobheni sithenge into edliwayo ngoba ulambile. Nami ngivumile-ke wahamba waze wayongena nami kwakhe. Sithe sisahleli wangibuza ukuthi ngiyawazi yini ama-morning after pill. Ngamtshele ukuthi ngike ngizwe ngawo kodwa kangikaze ngiwasebenzise," kusho lona wesifazane othi ubenalo isoka lakhe ngaleso sikhathi.

Uthi umfundisi umtshele ukuthi uma engawazi ama-morning after kuyaye kuthiwe owesifazane uyakwazi ukuphuza iCoke, yi-Eno neGrand-Pa ukuze angakhulelwa.

Utshele ILANGA ukuthi umfundisi uthe yena akayisebenzisi ikhondomu ngoba iyamlimaza futhi ithuluzi lakhe livele liwe, ngisho umama mfundisi uyakwazi lokho.

OLUNYE UDABA: Umfudisi osindisiwe kwelokudlwengula eKZN

"Ngivele ngaxakeka nje ukuthi kungani umfundisi enginika ulwazi olungaka ngingaludingi. Ngimtshele ukuthi ngiphethwe yisilungulela wathi kukhona azonginika khona okuzongisiza. Ubuye nempuphu emhlophe enginqabile ukuyiphuza ngoba ngingayiqondi, wathi mangiyiphuze.

"Ngiqale nganqaba, wangincenga wathi izongisiza. Uyifake emanzini ngayiphuza ngazizwa ngigula ngaleso sikhathi. Ngicele ukuya endlini encane ngoba ngibe nesiyezi," kusho yena. Uthi kuthe esesendlini encane, wafika umfundisi embuza ukuthi kwenzekani.

Umtshelile ukuthi kwenzekani, wamtshela ukuthi makahlale phansi kancane aphumule. "Kangazi ukuthi emuva kwalokho kwenzekeni, ngiphaphame entathakusa eselele eduze kwami ebheke phezulu, engagqokile. Ngathe ngiyasukuma ngiyahamba, ngezwa izihlungu. Ngimvusile ngambuza ukuthi ungenzeni njengoba ngigcwele isidoda negazi ngaphambili, wathi mangikhululeke ngoba siyathandana mina naye. Uthe akangenzanga lutho ungifake umunwe kuphela," kusho lona wesifazane.

Uthi ukhihle isililo umfundisi wathi angazihluphi ngokutshela abamaphephandaba noma abantu ngokwenzeke phekathi kwabo ngoba akasabi muntu.

"Uthe kufanele ngabe ngiyajabula njengoba elale nami ngoba yena unogcobo futhi nami senginalo, okuzokwenza abantu bangithande," kulanda yena.

Uthi ngesikhathi umfundisi esemgodukisa udlule egalaji wamthengela i-Eno, yiCoke neGrand-Pa wathi makakuphuze. Umthengele ne-airtime ka-R5 , kwazise lona wesifazane ubefuna ukufonela udadewabo ukuba amvulele njengoba bekusalelwe kubo.

Uthi kudlule zinyanga ezimbalwa wathola ukuthi ukhulelwe, wathi uma etshela umfundisi wathi makafune omunye wesilisa angalala naye ukuze athi ingane ngeyakhe.

"Nginqabile wangitshela ukuthi akafune ngane yena mangibone ukuthi ngenzenjani. Unqabile ukunginika imali yokukhipha isisu wathi lokho kuzomenzela icala kuMdali. Ngize ngasikhipha senginezinyanga eziyisi-7. Kuze kube yimanje ngisayiphupha leyo ngane ngendlela engihlukumezeke ngayo. Indaba yakhe kangikwazi nokuyixoxa ngoba ekhaya bayamthanda futhi bayamazisa njengomfundisi wethu," kusho lona wesifazane.

Omunye oneminyaka engama-22, uthi ucelelwe wumndeni wakhe ukuyohlala emzini kamfundisi ngonyaka wezi-2014 ngoba kubo kukude nesikole .

"Ngihlale khona ngifana nengane yakhona, bengisonta ebandleni lakhe. Ubethi uma eshumayela athi ubona ijuba elihlala phezu kwami, kuthi uma sekuphume inkonzo angitshele ukuthi uboniswe ukuthi kumele ashade nami. Ngoba umkakhe uyafundisa, ubebuye aye eThekwini eyobhala. Bengiba nenkinga enkulu ngoba umfundisi ubefuna ukulala nami uma umkakhe ngekho.

"Ngibikile kothishela ababili abebengifundisa, ngabika kumphrofethi esontweni bonke bathi bazokhuluma naye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngibonile ukuthi kabangikholwa, baze batshela umkakhe umfundisi ukuthi ngitheni ngomyeni wakhe. Bangixoshile emzini wabo ngahamba ngayohlala emqashweni," kusho lona wesifazane.

Uthi umfundisi umyele khona emqashweni wayomdlwengula ephindelela. "Ubengitshela ukuthi akayisebenzisi ikhondomu, kuthi njalo uma kade elele nami angiphuzise amaphilisi engingawazi. Nguye umfundisi othathe ubuntombi bami, ngisabile nokuya emaphoyiseni ngoba ubengitshela ukuthi akukho muntu ongamthinta yena," kusho yena.

Uthe isifiso sakhe esikhulu wukuthi umfundisi aboshwe abhadle ejele. Abanye abebekhulume naleli phephandaba ngoLwesine, bese beshayela intatheli ucingo becela ukuthi bangabe besafakwa kulolu daba ngoba besaba ukwenzakaliswa.

Omunye wabo ngowesifazane othi unengane nomfundisi, obekhala ngokuthi akayondli. Uthe ngeke esakwazi ukuqhubeka nokukhuluma ngoba useyasatshiswa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe laba besifazane basengakwazi ukuvulela le nceku amacala okunukubeza noma ngabe kwenzeke nini lokhu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.