Kukhalwa ngoqhekeko kwiBucs

2017-06-26 11:01

Durban – Kukhalwa ngoqhekeko kwi-Orlando Pirates ebhaxatshulwe yiSuperSport United ngo-4-1 kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Omunye wabadlali beBucs, ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe ngovalo lwamazinyo abushelelezi, usole uKjell Jonevret ongumqeqeshi wale kilabhu ngokuhluleka ukuhlanganisa abadlali ukuba yimbumba.

Uthi bayinhlakanhlaka okwamasimba omthini.

“Ikilabhu imehlulile imqeqeshi. Abadlali kabamhloniphi. Unamaqhinga akhuntile. Lokhu sekwenze abadlali baveze ukuthi kabakaze bakholelwa kuye nakakhulu. Abadlali sebelahlekelwe wukuzethemba nakakhulu ngaphansi kwakhe.

“Lokhu sekwenze kwaphela nokukholelwa kuyena,” kusho lo mdlali.

OLUNYE UDABA: I-Orlando Pirates isibheke ngabomvu isicoco se-Nedbank Cup

Uqhube ngokusola lo mqeqeshi ngokusonta abadlali, abafake ezindaweni ezingafanele avele ashiye ngaphandle abangena khaxa.

“Kungani umqeqeshi engamdlalisi uTendai Ndoro njengoba emfice kunguyena ohamba phambili ngokuhlohla amagoli ekilabhini.

“Umbekeleni ngaphandle uMarc van Heerden wafaka uPatrick Phungwayo abengasajwayele ukumsebenzisa? Kangifuni nokuyikhuluma ekaBernard Morrison ongene waphambana nebhola,” kusho lo mdlali obebonakala ukuthi uphatheke kabi yize ebekhuluma ngokucikeka ngenxa yalo mphumela obathele ngelikhulu ihlazo.

Thola udala oluphelele kwi-LANGA.  

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.