Kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kosolwa ngokubulala ingane

2018-03-23 12:31

Cape Town - Kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa komsolwa ecaleni lokubulala uZahnia Woodward.

Le ncwadi ikhishwe ngemuva kokuba umsolwa ahluleke okwesibili ukuvela eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.

IJajji uMushtak Parker litshelwe ukuthi umsolwa uSimaney Kido akasahlali ekhelini ayelibhalisile ngesikhathi efaka isicelo sebheyili.

Lo msolwa wayehlala nalowo asolwa naye kuleli cala, uMirriam Johnson.

UParker ubuze abashushisi ukuthi ngabe uKido weqile na, kodwa uMshushisi uLiezel Herbst uphendule wathi akasekho lapho ayebhalise ukuthi uhlala khona.

Ijaji lithi ukwenza kwalo msolwa kakuhambisani nemigomo yebheyili yakhe.

Kodwa umshushisi uqinisekisile ukuthi amaphoyisa asezithendeni zakhe.

Ukuqulwa kwaleli cala kuhlehliselwe umhlaka-4 Meyi.

OLUNYE UDABA:Oshayasibhamu baqumbe phansi usomatekisi esangweni lakwakhe

Laba basolwa bobabili behambisana noChristopher September, uLarry Johnson, uTaswill Kriel noMorné May - basolwa ngokubulala uZahnia endaweni yase-Ocean View ngoDisemba 2016.

Le ngane yayinezinyanga eziyisithupha izelwe ngesikhathi ishaywa yinhlamvu eyaphaphalaza yayishaya ekhanda iphethwe ngubaba wayo ngaphandle kwakubo.

Ubaba wale ngane naye wadubuleka kodwa wakwazi ukuphuthumisa ingane yakhe esibhedlela.

Umama wayo, owayebuya emsebenzini ngaleso sikhathi, watshelwa ukuthi indodakazi yakhe idutshuliwe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.