Kukhona okungahambi kahle ngaphakathi kwi-ANC - Mahumapelo

2018-05-09 14:09

UNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo ukhulume kwangathi uveza ukuthi kunetulo lezepolitiki elakhiwayo lokumphoqa ukuba asule esikhundleni.

UMahumapelo ngoLwesithathu ekuseni ushaye ingwiji kulandela isithembiso sakhe asenzile sokuthi uzokwesula esikhundleni namhlanje emini, njengoba manje ethi uzolinda isigungu esiphezulu se-ANC esifundazweni kube yiso esenza isinqumo ngekusasa lakhe.

Le nhlangano eNorth West ibambe umhlangano ophuthumayo wesigungu esiphezulu, eMahikeng, njengoba kudingidwa ngodaba lukaMahumapelo.

OLUNYE UDABA: Ngizomnikeza ngoLwesihlanu incwadi uSomlomo - Supra Mahumapelo

Yize ekhulume sengathi uzokwehla esikhundleni ngoLwesibili, uMahumapelo ube nemibuzo ngesicelo seTop 6 ye-ANC sokuba ashenxe esikhundleni, wathi ziningi izinkomba zokuthi kukhona okungahambi kahle kwi-ANC.

Ekhuluma nabezindaba ngaphambi komhlangano wehlangano esifundazweni, lo ndunankulu uthe ufuna izimpendulo ekutheni kungani uKhongolose uvumelane namaqembu aphikisayo ekutheni akhishwe emandleni.

UMahumapelo uphinde wasola ukuthi kunokusebenzisana okukhona phakathi kwe-EFF ne-ANC esifundazweni.

Uthe abalandeli bakhe kumele behlise umoya kuze kube i-PEC iyahlangana. "Nginikezeni ithuba lokuthi ngikhulume ne-PEC kuzothi uma sesiqedile, ngenxa yokuthi sakhethwa yini, i-PEC izobe isizokhuluma nani."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.