Kukhonya abalandeli bakaMaskandi kulokhu

2017-05-26 19:49

Durban - Intuthuko iyabonakala emculweni kaMaskandi njengoba nawo usutholakala ngobuchwepheshe besimanje.

AbeMaskandi Living Legends Empire sebeqhamuke namasu okukhuphula izinga lomculo kaMaskandi. 

Ngokusho kwabasunguli balolu hlelo, abathandi bomculo kaMaskandi abasebenzisa u-MTN sebezokwazi uku-downloada futhi bathenge izingoma abazithandayo benze ama-caller tune abaculi ababathandayo ngo-R.50c iculo ngalinye noma ngo-R2.00 isonto lonke.

Abahleli balolu hlelo bathi okwamanje lolu hlelo lwabo lusebenzisana nabakwa-MTN kodwa likhulu isasasa futhi nabathandi bomculo bakwamukele ngezandla ezifudumele lokhu.

"Lesi yisona sikhathi sokuthuthukisa umculo wethu ube sezingeni eliphezulu. Miningi imititilizo ezotholwa abathandi bomculo kulolu hlelo futhi ziningi nezinhlelo esihlele ukuzingenisa.

"Lokhu kuyingxenye yohlelo olukhulu lokuguqula lomculo wesintu futhi ziningi izinguquko ezizokwenziwa, ezinye zithinta indlela abalandeli abazongena ngayo emicimbini ehlelwa yibona," kusho abanikazi balolu hlelo.

Okuhle kakhulu ngalolu hlelo wukuthi yonke imali yoku-downloada umculo nokuthenga ama-caller tunes iya ngqo kumculi, ngakhoke yibona abazozuza kakhulu nokuyindlela ezobasiza bakwazi ukwenza imali bangathembeli emalini yokugaya umculo nonandisa emcimbini.

OLUNYE UDABA:IGcokama Elisha umculi wokuqala kaMaskandi ukukhangisela iCutty

Okunye okuhle nokuzojabulisa abathandi bomculo kaMaskandi wukusungulwa kwephephabuku elitholakala ezinkundleni zokuxhumana.

Ubhabhakazi, wuhlelo olusha olwenzelwe abalandeli bomculo kaMaskandi kanye nabathandi besintu ukuba bathole kalula okusha okwenzeka kwezobuciko.

Ngokusho kukaBongumenzi Masuku, ongomunye wabasunguli baleli bhuku, inhlosongqangi yabo wukusebenzisana nabahleli bemicimbi kanye nezinduna zabalandeli.

"Uhlelo lukaBhabhakazi salwenzela ukuqhakambisa okuhle okwenzeka emculweni kaMaskandi. Iyadingeka inkundla ezokhangisa okuhle okwenzeka kulo mculo, lapha sigxile kakhulu kubalandeli, yingqephu nefeshini yabo kanye nezindaba ezihamba phambili mayelana nemicimbi kanye nabaculi.

Sikhuthaza okuhle kodwa kwezobuciko namasiko, ngakho-ke kubalulekile ukuthi sixhumane nabalandeli nokuyibona bantu abenza uMaskandi uphumelele," kusho uMasuku.

UMasuku uthi yize uBhabhakazi esemncane njengoba isanda kwenziwa iwebhusayithi yabo, bahlele ukuhambela yonke imicimbi eyenziwa abalandeli ngokuxhumana nezinduna zabalandeli. 

Uthi bafuna nokuxhumana nabahleli bemicimbi ukuze bazokhangisela abaculi ngayo yonke imicimbi ezokwenziwa.

UMasuku uthi uBhabhakazi luyatholakala ezinkundleni zokuxhumana, kanti uma abalandeli babaculi banemcimbi abafuna ikhangiswe, noma bafuna ukukhangisa ngengqephu yabo kule webhusayithi bangaxhumana nabo ngokubabhalela ezinkundleni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.