Kukhuthazwa ubumbano kubo bonke abasebenza embonini yezokuvakasha

2018-03-22 11:01

eThekwinii - Imboni yezokuvakasha ingenye yezimboni ezibaluleke kakhulu emnothweni wakuleli.

Yingakho kubalulekile ukuthi bonke abasebenza kule mboni, kusukela kumahhotela, abezindawo zokulala kanye nezindawo kumele basebenze ngokuzikhandla ukuthokozisa amakhasimende.

ITourism KZN isebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi bonke ababamba iqhaza kule mboni baqinisa ubudlelwano bokusebenzisana ukuze kuhehwe izivakashi kulesi sifundazwe, ikakhulukazi izivakashi ezisuka emazweni aphesheya.

OLUNYE UDABA: Bekuzwakala ngomsindo wokukhala nowokuthandaza kuphazamiseka indiza emoyeni

Ngempelasonto, le nhlangano ikhiphe abanikazi bezinkampani ezithutha izivakashi, abezinkampani ezihlela amaholidi kanye nabezindaba ukuze babone ubuhle balesi sifundazwe.

Inhloso yaleli holidi wukuvakashela amahhotela nama-lodge ahlukahlukene nokubona ukuthi yini abantu abangayenza uma behambele kulezi zindawo.

Ukuhlaziya ubuhle nobubi balezi zindawo kusiza bonke abasebenza kule mboni ukuze bazi ukuthi yini efanele amakhasimende abo afuna ukuvakasha kulesi sifundazwe nokuthi yini abangayenza uma sebebhukhile kulawo mahhotela.

UBongi Thabede osebenza njenge-tour guide okunguyena futhi uyena obehola ithimba ebelivakashele eMidlands, uthi akukho okubaluleke njengotshela umuntu ngento onolwazi oluphelele ngayo.

"Njengoba ngisebenza kule mboni, ngiyakwazi ukubaluleka kokunikeza umuntu isiqiniseko sokuthi uzoyithokozela indawo ayakuyona ngoba nami ngiyazi kahle.

"Lokhu kuyasiza futhi ngoba abantu abafani, ngakho-ke kumele wazi uma ubhukhela abantu ukuthi la obabhukhela khona bazoba nesikhathi esimnandi na nokuthi bazolithokozela iholidi labo ngokubuka ukuthi bangabantu abanjani futhi abathandani," kusho yena.

IZITHOMBE: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.