Kukhuzwa ichilo lokumbiwa kwamathuna abahlophe eKZN

2017-11-09 19:27

Durban - Sifaniswe nobuwula isigameko sokugqejulwa kumbiwe amathuna amadala abamhlophe eBabanango, enyakatho yeKwaZulu-Natal okukholakala ukuthi ambiwe ngabampisholo ngoba benenkolelo yokuthi bazothola umcebo abamhlophe abangcwatshwe nawo eminyakeni eyedlule.

ILANGA lifike kule ndawo ngoMsombuluko lazibonela ingxenye yala mathuna ecekelwe phansi.

La maliba ayisi-9 asendaweni eyayipulazi labamhlophe eminyakeni eminingi eyedlule. Kuthikwa udaba lokuthi kunomcebo emathuneni abamhlophe yinto ekhulunywayo kule ndawo.

ILANGA - ophenyweni lwalo - lithole ukuthi indaba iqale ukonakala ngemuva kokusabalala kwemibiko mayelana nabantu abaphume umkhankaso wokuthenga imali yakudala eyithusi okubikwa ukuthi u-20c wakhona uthengwa ngezinkulungwane.

Kuvele ukuthi kunabathile abaqale ukuzilungiselela ukuze kuzombiwa amathuna abamhlophe ngethemba lokuthi kuzotholakala le mali.

ILANGA lihlangane nowesilisa osekhulile, uMnu Johane Ndlovu, othe kuyihlazo ukuthi kungaba nabantu abamba amathuna ngoba benenkolelo-ze yokuthi bazothola imali.

Ngingowokuzalwa lapha, njengoba ungibona ngilapha nje, kangikaze ngihlale kwenye indawo. Imingcwabo eminingi bengiyaye ngiyihambele, kakukho nolulodwa usuku lapho engike ngabona kuthathwa ibhokisi lemali lifakwa emgodini wengcwaba lomlungu.

Wubuwula nje lobu obenziwa ngabantu lapha endaweni. Le ndawo ibiyipulazi labamhlophe eminyakeni eminingi eyedlule, besisebenza khona. Bafa abelungu kodwa kangibonanga ngisho noyedwa engcwatshwa nemali. Indaba iqale ukonakala ngemuva kokuba kusabalale ukuthi kunezindawo ezidinga izimali zakudala. Konke lokhu ngikubona kuwukudlala ngemiqondo yabantu nje, ngubani ongakhokha inkulungwane athenge uzuka?, kusho uMnu Ndlovu okhale ngokuthi abagile lo mkhuba kuzofanele baziveze ukuze bagezwe.

"Uma bengeziwe, ngeke besaganwa ngoba phakathi kukhona nabesifazane amathunzi abo azonamathela kubona maqede kube nzima ukuthi kusondele abesifazane kubona. Yimbi futhi ibuhlungu le nto abayenzile ngoba ithuna lomuntu liyahlonishwa, kungakhathalekile ukuthi ungowaluphi uhlanga," kusho uMnu Ndlovu.

Ikhansela lendawo uMnu Mbongeni Buthelezi lithe belingakayitholi imibiko ngalesi sigameko. Usihlalo wekomidi elibhekelele ukuthuthukiswa komphakathi, uMnu Moses Ntombela usigxekile lesi senzo.

OLUNYE UDABA: UMalema uphisana ngamathikithi omdlalo weBafana

Uthe kasehlukene nokucwasa ngokobuhlanga. "Siyitholile imibiko ngesigameko sokumbiwa kwamathuna abamhlophe, okuyinto engeyinhle futhi engamukelekile. Sinxusa umphakathi ukuba ungazenzi izinto ezizoholela ekutheni ungene ezinkingeni ngoba kumanje sekufanele kuqalwe umsebenzi wokulungisa la mangcwaba. Lokhu sikubona njengokulahleka konembeza kubantu abamnyama," kusho uMnu Ntombela. Phambilini le ndawo ibingaphansi kwabamhlophe, okuthe ngokuhamba kwesikhathi yabuyela kwabampisholo.

UMnu Mthobisi Makhathini okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, unxuse ukuba umphakathi ungadlali indlala.

Uthe ubengenalo ulwazi ngalesi sigameko. Usichaze njengobugebengu obuphindiwe.

"Ibuhlungu le nto futhi yimbi, kufanele ikhuzwe ngoba izokwandisa umkhuba omubi futhi ongemukelekile. Sithanda ukuxwayisa abasahlela ukuphuma umkhankaso wokumba amathuna abamhlophe ukuthi bazolutheza olunkume ngoba ngeke sikubekezelele ubugebengu. Ngiyaqala ukuluzwa lolu daba kodwa luyashaqisa ngoba kuwukuphambana nomthetho lokhu," kusho uMnu Makhathini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKapt Thembeka Mbhele, uthe kalikho icala elivuliwe esiteshini mayelana nalesi sigameko wathi lokhu kuwubugebengu.

"Kwathina singamaphoyisa kasizithatheli isinqumo sokumba ithuna kodwa kuyaye kube yisinqumo esithathwa yinkantolo. Ngisho nemindeni kayizithatheli izinqumo zokumba amathuna ayo ngoba lokho kuwukwephula umthetho. Okwenziwa ngabantu bakule ndawo kuwukwephula umthetho. Siyanxusa ukuthi uma kukhona abanolwazi ngezigilamkhuba basondele bazicebe, emuva kwalokho sizobopha abantu bashushiswe. Singakuthokozela nokuthi uma isekhona imindeni yalaba abamhlophe ibike esiteshini samaphoyisa ukuze kuvulwe amacala.

Empeleni kakusithokozisi ukuthi abantu bakithi badlale indlala baze bagile imikhuba emibi ngalolu hlobo.

Ziningi izindlela zokuphila hhayi ukumba amathuna abantu ngenxa yezinkolelo-ze," kusho uKapt Mbhele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.