Kukhuzwe kwababazwa eyabafazi abawu 80 namashende

2018-04-11 12:43

Durban - Kube sengathi kuxoxwa inganekwane ngesikhathi kudalulwa umlando wozalo kaMama weSizwe uWinnie Madikizela Mandela ngesikhathi izizukulwane zikayisemkhulu ziveza ukuthi wayenamakhosikazi angaphezulu kwaba wu 80 kanye namashende ngaphezulu.

Lokhu kwethuse ngisho wakuleli uMengemali  uMnu uCyril Ramaphosa naye okubeke ngembaba ukuthi akezwanga ngendaba kodwa uzibonele ngokwakhe ngesikhathi ehambele kubo kaWinnie ebingelelwa abesifazane ababezichaza ngokuthi bango Madikizela.

“Ngiqale ngaxakeka ukuthi kwenzakalani kodwa ngibe sengikhumbula ukuthi uyise woyise mkhulu wayenabafazi abawu 80 namashende {Amadikazi} amathathu, kanti omunye wabo wayenabafazi abawu 42” kusho uMnu Ramaphosa.

Uthe esaphila uWinnie wayelokhu efuna ukuhamba naye baye eMbizana lapho azalelwa khona, “Nami ngathembisa ukuthi ngiyafuna ukuya khona ngiyobona ukuthi bakhona yini abantu abahle njengawe la usuka khona mama, kodwa ke manje sengizibonele ubuhle babantu bendawo yakhe umama uWinnie kangangoba naye bengolokhu ngimtshela ngobuhle bakhe nokuthi ngashaywa ukuba mncane ngale kwalokho uMadiba ngangiyo mhambisa phansi”.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke izinkumbi zabantu kweyokukhumbula uMadikizela-Mandela

Echaza kabanzi ngoWinnie uMziwoxolo Madikizela ongu mshana wakhe uthe u-anti wakhe wayezalwa uColombus owagcinwa esebizwa ngoKhalembizeni ngamaMpondo ngoba ayehluleka ukubiza igama lakhe.

“UNkosikazi kaKhalembizeni yayinguMarhadebe wakwaMzayidume eMhlanga khona eMbizana kanti babenezingane eziwu 11, uWinnie engowesihlanu” kusho uMziwoxolo.

Uthe uColombus wayezalwa uMazinki, uMazinki wayezalwa uMadikizela yena owayezalwa uMyeki.

Abomndeni baphinde bachazela uMengameli ngezethembiso ezenziwa uhulumeni zokusa intuthuko eMbhongweni esigodini akhulela kuso uWinnie engakabonwa kuze kube yimanje. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.