Kulimale 16 wabantu kugingqika itekisi eSandton

2016-12-14 12:30

Johannesburg - Kulimale abantu abalinganiselwa ku-16 ngesikhathi itekisi ligingqika ngasebhulohweni iGrayston, eSandton.

Ngokusho kwabe-ER24 bafike kule ndawo itekisi ilele ngohlangothi phakathi nomgwaqo kukhona nezinye izimoto ezintathu okukholakala ukuthi zishayisane zizama ukuvika le tekisi.

OLUNYE UDABA:Kulimale 9 wabantu kuginqika itekisi ePMB

URussel Meiring okhulumela abosizo lokuqala uthe: “Abosizo lokuqala bahlole izisulu bathola ukuthi ababili balimale kakhulu kunalaba abangu-14 abaphunyuke nemihuzuko.”

Abalimele bahlengelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela, kubika iCitizen.

Amaphoyisa nawo afikile kule ndawo kanti uphenyo ngembangela yale ngozi luyaqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.