Durban - Kulimale izingane ezingu-24 ngesikhathi itekisi ebezihamba ngayo ishayisa umuzi eThekwini ngoLwesithathu ekuseni.
UCeron Lennox‚ weRescue Car, uthe umshayeli uphunyukwe yisiteringi imoto yaphoseka eweni yashayisa umuzi.
“Izingane, ezineminyaka ephakathi kweyisithupha nengu-12 ubudala, zithole ukulimala okungatheni.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe umfana,16, gokushiswa kwesikole
“Umshayeli wetekisi yena akalimalanga kule ngozi,” kusho uLennox.
Le ngozi yenzeka nje namhlanje kuphela isonto kwashona izingane ezine ngosuku lokuvulwa kwezikole, ngesikhathi itekisi ishayisana nebhasi eNtuzuma, Thekwini.
- SowetanLive