Kulimale 69 umshayeli kagandaganda ehluleka ukuwulawula

2017-02-01 16:01

Pietermaritzburg - Kulimale abantu abangu-69 ngesikhathi umshayeli kagandaganda ehluleka ukuwulawula waphaphalaza.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe eMgungundlovu lapho kwenzeke khona ingozi, kusho umbiko.

Ngokusho kwabe-ER24, bafike kule ndawo batholaka ukuthi kulimali abantu abalinganiselwa ku-69.

OLUNYE UDABA:Kulimale 4 itekisi lishayisa ugandaganda ngasemathuneni

“Okwamanje ayikacaci kahle imbangela yalesi sehlakalo kodwa kukholakala ukuthi umshayeli kagandaganda uhlulekile ukuwulawula,” kusho uRussel Meiring.

Lo gandaganda ubudonsa inqola obekugibele kuyona abantu belibangise epulazini eliseduzane.

Kulabo abalimele, bahlanu abalimale kakhulu.

Kwesinye isigameko, kulimale inqwaba yezingane ekuseni ngoLwesithathu ziya esikoleni ngesikhathi itekisi ebezihamba ngayo ishayisana nemoto encane eningizimu yeTheku.

Ngokusho kwabosizo lokuqala beRescue Care, ingozi yenzeke ku-Old Main Road‚ eSiphingo, ngezithuba zabo-06:40 ekuseni.

“Abosizo lokuqala bathole izimoto ezimbili ezibandakanyeke engozini zigingqikile, zilele ngohlangothi. Balinganiselwa kwabangu-17 abantu abalimele, iningi labo okuyizingane zesikole,” kusho uGarrith Jamieson‚ weRescue Care.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.