Kushone umfundi oyedwa, kwalimala abangu-47 kugingqika ibhasi ku-N3

2017-09-05 15:59

Durban - Kudaleke esikhulu isiminyaminya ku-N3 ngaseHilton, eMgungundlovu, kulandela ukugingqika kwebhasi ebelithwele abafundi, kubika i-KZN Eyethu.

Kubikwa ukuthi kulesi sigameko kushone umfundi oyedwa kwathi abangu-47 balimala.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, uRessel Meiring, uthe bafike endaweni yesigameko bafica ibhasi lilele ngohlangothi eceleni komgwaqo.

“Inqwaba yabafundi besebephumile ebhasini bemi ngaphandle. Abafundi abalimele bathole ukwelashwa khona endaweni yesigameko, ababili bahlonzwe njengabalimele kakhulu,” kusho uMeiring.

Ngokuhamba kwesikhathi omunye wabafundi abalimale kakhulu ube eseyashona.

OLUNYE UDABA:Buka: Abashayeli beba imali emotweni yemali

UMeiring uthe kuzothi uma sebethole usizo lokuqala, badluliselwe ezibhedlela eziseduzane.

Amaphoyisa abesendaweni yesigameko ukuphenya ngembangela yale ngozi kanti kuxwayiswa nabashayeli ukuba baqaphele njengoba kunesiminyaminya kule ndawo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.