Kulimale abagibeli kuqhuma i-fire extinguisher ebhasini

2018-03-12 12:29

Johannesburg - Kulimale inqwaba yabagibeli ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi kuqhuma i-fire extinguisher ebhasini ePort Elizabeth, e-Eastern Cape.

Isigameko senzeke kuMendi Road, eNew Brighton, ngaphambi kwezithuba zabo-08:00 ekuseni.

Ukwethuka kudale isiphithiphithi ebhasini njengoba bonke abagibeli bebejahe ukuyophuma ngomnyango.

OLUNYE UDABA:Ingane yesikole ishayiswe yimoto yehla ebhasini

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uSizwe Kupelo, uthe omunye wabagibeli ushayele ucingo abosizo lokuqala. Uthe ngokombiko awuthole kuRynhardt Stander wosizo oluphuthumayo, ukuqhuma kwenzeke eduzane nesicabha sebhasi.

"Abagibeli abebehlezi ngaphambili bathelwe okusampushana kwabe sekudaleka isiphithiphithi nomsindo. Abagibeli baphume ngewindi lebhasi ukuze bezokwazi ukuphumela ngaphandle. Kulimale inqwaba yabagibeli ngesikhathi begxuma bephuma ebhasini.

"Abagibeli abane balimale umhlane ngesikhathi kunesiphithiphithi."

UKupelo uthe isimo sabagibeli abathathu besingakaziwa njengoba bephuthunyiswe esibhedlela ngemoto encane.

"Abantu abangu-12 bathole imihuzukwana balashelwa nokwethuka," esho.

UKupelo uthe iziguli ziphuthunyiswe ezibheldlela ezahlukene okubalwa iDora Nginza, iMercantile neLivingstone ziyoqhubeka nokuthola ukwelashwa.


-HeraldLIVE 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.