Kulimale abagibeli ngesikhathi iveni liginqika phambi kwetekisi eGoli

2017-02-11 13:31

Durban - NgoMgqibelo ekuseni abezimo eziphuthumayo babizelwe eRosebank ekhoneni likaJan Smuts Avenue kanye noBolton.

Befika kule ndawo kutholakale inqwaba yabagibeli belimele engozini ehlanganisa izimoto eziningi.

Ngokusho kwalabo abazibonele ngawabo, itekisi belihamba kuJan Smutsa libheke eRundburg ngesikhathi kuginqika iveni phembi kwalo.

OLUNYE UDABA:''Angikaze ngiyibone ingozi enje empilweni yami"

Leli tekisi lishayise leliveni kwalendela izimoto ezimbili nazo ezithintekile kulesi sigameko.

Bonke abagibeli abebesetekisini batholakale behleli eceleni komgwaqo. Kunabantu ababili abebelimele kakhulu abadinge usizo olukhethekile ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

Amaphoyisa afikile kule ndawo kanti okwamanje kusaphenywa ngalesi sigameko.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.